Linda Ximba
Bayishumi abaculi bakuleli abaqokwe kuma-All Africa Music Awards (Afrima) ahlelelwe uZibandlela.
UCosta Titch wakuleli nguyena oqokwe amahlandla ayisithupha ngengoma yakhe ayikhipha nyakenye ethi-Big Flexa uqokwe kwi-Song of the Year, i-Breakout Artist of the Year, i-Best African Collaboration, i-Best Artist, i-Duo or Group in African Electro kanye ne-Best Artist, Duo noma i-Group. Usebenzisa i-African Dance/Choreography.
Abanye abaqokwe kuleli nguNomfundo Moh, uZakes Bantwini, uDJ Zinhle, iMafikizolo, uSimmy, uKabza de Small, iMajor League DJz, uMakhadzi noKamo Mphela.
UZakes oshise izikhotha ngengoma yakhe ethi “Osama” futhi uzitholele izindondo zama-Sama kulo nyaka, uqokwe emkhakheni we-Best Male Artist in Southern Africa, i-Best Artist Duo or Group in African Electro, i-Best African DJ kanye nakwi-Artist of the Year.
Njengoba ebhekene nezikhondlakhondla zomculo okubalwa uBurna Boy, uDiamond Platinum kanye noKabza de Small, lo mculi ongowokuzalwa eThekwini uthe kuyamjabulisa ukubona kuhlonishwa umsebenzi wakhe.
“Ukuwina umklomelo owodwa noma emibili kuzongijabulisa kakhulu mina neqembu lami. Nginxusa abalandeli bami ukuthi bavote ngobuningi babo,” kusho owakuleli.
Amajaji e-Afrima aqoke amagama angu-382 emikhakheni engu-39 ukuze amele zonke izifunda ezinhlanu zase-Afrika.
Imiklomelo izobanjwa kusukela mhla ziyisishiyagalombili kuya kumhlaka-11 kuZibandlela futhi kuzokwenziwa isimemezelo ngomhlaka-30 kuMandulo ngezwe elizosingatha lama-awards.
Ukuvotwa kuvulwe ngomhlaka-24 kuMandulo futhi kuzovalwa mhla ziyishumi kuZibandlela. Abalandeli bangaya ku-www.afrima.org ukuze bathole ulwazi olwengeziwe.