Kuqiniswe ezokuphepha kuPandor emva kokumangalela i-Israel ngolwaseGaza

Uhulumeni useqinise ezokuphepha kuNaledi Pandor onguNgqongqoshe wezobudlelwano bamazwe ngamazwe, ngenxa yezinsongo ezibhekiswe kuye nomndeni wakhe ngemuva kokuba iNingizimu Afrika iyise i-Israel eNkantolo Yezobulungiswa Yamazwe Ngamazwe ukuze kunqandwe ukubulawa kwabantu e-Palestine. 

“Izinsongo zihambisana nesifundo,” kusho uPandor. “Abezobunhloli bakwa-Israel baziphatha kanje futhi bafuna ukusesabisa. Ngakho-ke akumele sesabe kukhona into eqhubekayo. Abantu emhlabeni kanye ne-Palestine abazange bahlehle ngesikhathi umbuso wobandlululo usesimweni esibi kakhulu,” kubika i-The Citizen.

UPandor ucele uNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele ukuthi aqinise ezokuphepha kumndeni wakhe, uthe ukhathazeke kakhulu ngomndeni wakhe ngoba eminye yemiyalezo esabisayo ayitholile ikhuluma ngezingane zakhe.

UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola uthe iNingizimu Afrika iyindawo ephephile kubantu abangamaJuda futhi waphika ukuthi iNingizimu Afrika iyawaxwaya.

“ENingizimu Afrika azikho nakancane izinsongo kubantu bamaJuda. Bayaqhubeka bahlanganyela kuzo zonke izinto esenziwa umphakathi.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: UNaledi Pandor.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva