Kuqiniswa umkhankaso wokulwa nobugebengu emngceleni wakuleli neMozambique

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuqiniswe impi yokulwa nobugebengu emngceleni ophakathi kweKwaZulu-Natal ne-Mozambique ngokwakhiwa kodonga olude nokutshalwa kwamaphoyisa angaphezu kuka-140 kulo mngcele.

Embizweni ebingoMsombuluko kwaMhlabuyalingana, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele umemezele ukuboshwa kwezigebengu ezaziwayo ezihlukumeza umphakathi enyakatho neKZN nezibandakanyeka ekuduneni izimoto ezindaweni ezahlukene esifundazweni.

UBrigadier Madlela Gwebu Mashamba, owalethwa esuka eKapa ngoNdasa ube nesandla ekuboshweni kwezigebengu ezingu-103 kuze kube manje.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa MaDube Ncube uchaze ngohlelo lokwakhiwa kodonga lukakhonkolo oluphakeme oluhlanganisa amakhilomitha ayisishiyagalombili, okuhloswe ngalo ukunqanda ubugebengu obudlangile bokuntshontshwa kwezimoto endaweni.

Umphakathi wakwaMhlabuyalingana uhlukumezeke kakhulu ngenxa yobugebengu obuqhubeka kulo mngcele.

Sekukubi kakhulu ukudunwa kwezimoto eziteshini zamaphoyisa, emitholampilo nasezibhedlela okuholele ekutheni kubhikishe abantu abasola ukuthi kukhona itulo phakathi kwamaphoyisa nezigebengu.

Udonga olusha lukakhonkolo luyingxenye yemizamo yeziphathimandla yokulwa nobugebengu.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waseKZN uNomsa uMaDube Ncube noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele bexoxa noBrigadier Madlela Mashamba kwaMhlabuyalingana

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva