Kuqiniswa imikhankaso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Umasipala wase-OR Tambo uqinisa impi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nokubulawa kwabesifazane ngemikhankaso eyahlukene kulesi sifunda.

Ngempelasonto bekunomkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane esigodini sase-Luphondo ngenhloso yokuqwashisa umphakathi nokufundisa umphakathi ngezindlela zokuphepha.

Lesi isigodi i-Scrolla.Africa esibike ngaso ukuthi amalungu omndeni amahlanu adutshulwe abulawa abasolwa abangaziwa ngoNdasa kulo nyaka.

Ekhulumela umasipala waseNgquza Hill uBulelwa Capa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mphakathi ukhethwe ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu obubhekiswe kwabesifazane.

“Ubugebengu obuningi buyahlelwa futhi bubhekiswe emindenini ephethwe ngabesifazane engenaye owesilisa,” esho.

Lokhu kubonakala ezibalweni zobugebengu zakamuva. I-Lusikisiki ihola isifundazwe ngamacala ocansi nokudlwengula engxenyeni yesine yonyaka ka-2022/2023.

I-Lusikisiki ihamba phambili ebugebengwini bokudlwengula njengoba kunamacala angu-72 abikiwe – kodwa lokho kwehle kwasuka emacaleni angu-99 abikwa ngesikhathi esifanayo ngekota yesine yanyakenye ngokwezibalo zobugebengu bukazwelonke ezethulwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngesonto eledlule.

Khonamanjalo, okwamanje i-Lusikisiki imi endaweni yesine esifundazweni ngamacala okubulala kanti amacala abikiwe angu-39 – nokunyuke ngamacala angu-12 – uma kuqhathaniswa namacala angu-27 ngesikhathi esifanayo nyakenye.

Ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane obubanjelwe ewadini lesi-21, izikhulumi zeminyango eyahlukene bezishiyelana inkundla zikhumbuza umphakathi ngezokuphepha ngesikhathi zigxeka udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nokubulawa kwabesifazane.

Isishoshovu uNomana Mtshakaza uwugxekile lo mthetho wathi “amalungelo abantu abadlwenguliwe asahlaselwa njengoba behlala ngokwesaba ngoba izigilamkhuba zisahamba emiphakathini.”

Weluleke izisulu ukuthi zifunde kabanzi ukuze ziziqinise ngokomqondo njengoba ethe lokho kwamsiza ekucindezelekeni okukhulu aseke wadlula kukho. Uphinde wathi izisulu zobugebengu obuncike ebulilini zishiywa dengwane ezimweni eziningi njengoba zingekho izikhungo ezanele zokuphepha noma izindawo zokukhosela lapho ezingaphephela khona.

UBulelwa Capa uthe njengoba bezabalaza ukugcina izisulu ziphephile, “okuhle ukuthi iPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthembise u-R2 million wokwakha indawo yezokuphepha ezosebenza ezindaweni ezise-Luphondo, Kwathahle naseMkhambathi.”

Esithombeni esingenhla: Izikhulumi ngesikhathi somkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane esigodini sase-Luphondo e-Lusikisiki

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva