Kuqhunyiswe imoto yemali budebuduze kukaBheki Cele

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izigebengu ziphendule inhlekisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele eNquthu njengoba kuthe esakhuza impi yemindeni eQhudeni zabe ziqhumisa imoto yemali eHlathi Dam zashaya zachitha.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngesikhathi kungekho nelilodwa iphoyisa esiteshini eNquthu ngenxa yokuthi wonke abephelezele uCele eyokhuza ukuchitheka kwegazi esigodini sakwaNqulu eQhudeni.

I-Scrolla.Africa sihletshelwe ukuthi ngesikhathi izigebengu zimatasa ziqhumisa imoto yemali uCele ubesevele ebhekene nenkinga kwaNqulu yemoto yakhe ebisiqhunyelwe ithayi.

“Amaphoyisa kudingeke ashayele amahora amathathu esuka eQhudeni eyophesha ithayi le-BMW X5 kaCele edolobheni eNquthu. Lokhu kwenziwe ukuthi eQhudeni akukho zindawo ezithuthukile zezinsiza. Ngesikhathi amaphoyisa ephuthuma ukuyophesha ithayi, izigebengu bezitapa imali emotweni yakwa-G4S eziyiqhumise eHlathi Dam,” kusho umthombo.

IHlathi Dam yona iyimizuzwana embalwa ukusuka edolobheni eNquthu kodwa kuthiwa iveni yamaphoyisa yaseNquthu iqhamuke ngemuva kwehora izohlola endaweni yesigameko.

Kuthiwa ngaleso sikhathi izigebengu ebezihamba ngezingadlangadla zamaveni amane akwa-Toyota besezishaye zachitha kudala nemali. Ngisho amanye amalungu omphakathi kuthiwa abesezitapele izinseaela adela. 

“Lesi sigameko senzeke ngokuphazima kweso ngoba nathi sibone imoto yemali isiqhuma kwabe kuphuma izinsizwa kulama-Toyota. Kuthe sisathukile zazisuka lezi zimoto ngesivinini zihamba. Lokhu kwenzeke ngasesikoleni i-Springlake futhi bekushesha ngendlela eyisimanga,” kusho omunye umthombo.

Amanye amaphoyisa kuthiwa abejabule kabi ngokuthi uCele noKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uJenene uFannie Masemola bazibonele usizi ababhekana nalo lokuswela izinsiza-kusebenza ezindaweni zasemakhaya baphinde baxinwa izigebengu eziyingozi befelwa nayizimoto emahlanzeni ekubeni kungadonsi ngisho amaselula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa amaphoyisa asaphenya.

Izihloko zakamuva