Kuqhume iqupha kokahulumeni Estcourt 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane noMlungisi Gumede

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongi Sithole-Moloi ukhishwe onogada ngesikhathi kuqubuka udlame phakathi kwabalandeli be-IFP ne-ANC ngesikhathi abalandeli be-IFP ne-ANC bezithola besetendeni elilodwa ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.

Bashintshana ngamazwi bajikijelana ngezihlalo.

Owesilisa oyedwa emaqenjini alwayo ubonakale ekhipha isibhamu sakhe, kodwa waphinde wasibuyisela ngaphandle kokudubula.

Abalandeli be-IFP basola ukuthi uSithole-Moloi usebenzise umcimbi kahulumeni ukukhankasela amavoti ngaphambi kokhetho lokuchibiyela kuleli sonto okuyilo elizocacisa ukuthi ngubani obusa uMasipala wendawo Inkosi Langalibalele.

USithole-Moloi ubekule ndawo ukuyohlola izinhlelo ezahlukene zengqalasizinda yamanzi nogesi.

I-Estcourt idume njengesizinda sodlame lwezepolitiki nokungabekezelelani esifundazweni ikakhulukazi phakathi kwabalandeli be-ANC ne-IFP.

Ukhetho lokuchibiyela luza ngemuva kokuthi i-IFP ephethe uMasipala Inkosi Langalibalele, ixoshe amakhansela amathathu amawadi asolwa ngokuthatha intshontsho ku-ANC ukuze ehlise esikhundleni iMeya yayo uMnu Mduduzi Myeza.

Kuthiwa uthuthuva luqale ngesikhathi abalandeli be-ANC befika kulo mcimbi begqoke izikibha zeqembu labo yize umenyezelwe njengomcimbi kahulumeni.

Abalandeli be-IFP babe sebefika ngemibala yamaqembu abo, nabo.

Ividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa izinhlangothi zombili zihlaselana kungabonwa amaphoyisa.

Usihlalo we-IFP e-KZN, uMnu Thami Ntuli uthe uhulumeni we-ANC esifundazweni kumele uzibophezele ekuphenduleni umcimbi kahulumeni inkundla yokhetho.

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-Cogta esifundazweni uSenzo Mzila ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemiyalezo athunyelelwe yona akayiphendulanga.

Esithombeni esingenhla: Kuqubuke isiphithiphithi emcimbini obuhanjelwe abalandeli be-IFP ne-ANC

Izihloko zakamuva