Kuqhantshe insimbi yabulala owesifazane obehamba eduze nendawo eqoqa izinsimbi (scrapyard)

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane waseKapa ubehamba eduze kwe-scrapyard eDelft ngeSonto ntambama ngesikhathi ebulawa yithangi le-oxygen eliqhumile. Owesifazane ongaziwa ushaywe yinsimbi endiza yamshaya ekhanda washonela endaweni yesigameko.

USomila Ngundze (39) uthe: “Bengithi ngiya enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi ngizwa ukuqhuma okukhulu. Ngathi ngibheka emuva ngabona abantu begijima besuka eduze kwase-scrapyard,” kusho uNundze.

“Ngishaqekile ngizwa ukuthi ithangi elimbulele liphuma e-scrapyard. Okubuhlungu ukuthi ubengasondele ngisho e-scrapyard. Angikuqondi ngoba abalimalanga abafana ababengaphakathi egcekeni kodwa kwashona umuntu ongenacala obedlula.”

Esinye isakhamuzi sithe lo owesifazane akashonanga ngokushesha.

“Angikaze ngiyibone into embi njengaleya. Besibona ukuthi ubesezinhlungwini ngaphambi kokuba ashone. Ngabe kungcono ukuthi ushone ngaso leso sikhathi.

“Akuyena owangapha. Kuyacaca ukuthi ubedlula nje ngesikhathi kwenzeka lokhu, futhi umndeni wakhe awunalo ulwazi ngokwenzeke kuye,” kusho isakhamuzi.

Lesi sakhamuzi sithe abantu base-scrapyard bebesika ithangi ngesikhathi liwa liqhuma.

“Idolobha kumele lenze okuthile ngama-scrapyards, ikakhulukazi lawo angekho emthethweni njengoba edala izinkinga eziningi,” kusho isakhamuzi.

I-Scrolla.Africa iyile endaweni yase-scrapyard ukuze ithole ukuthi kwenzekeni, kodwa bekuvaliwe.

“Ngicabanga ukuthi sebebalekile ngithandazela ukuthi umndeni wakhe umthole,” kusho isakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa eSAPS eWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko ngabo-3.30 ntambama ngeSonto “afice isidumbu sowesifazane ongaziwa elimele kabi.

“Imibiko iveza ukuthi owesifazane ushawe into ebindiza esuke endaweni eseduze. Umsolwa ubalekile futhi akakaboshwa,” kusho uSwartbooi engeza nokuthi uphenyo luyaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: Owesifazane ubehamba eduze nendawo nescrapyard ngesikhathi eshaywa ucezu lwensimbi legesi ebiqhuma.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva