Kuqala isizini yokubuyiswa kweyentela

Kamogelo Olaitan

I-South African Revenue Services (i-SARS) yethule isizini yentela yalo nyaka ngesimemezelo sokuthi yenze izinguquko ezinkulu ekugcwaliseni izicelo.

Isikhathi sentela sifushane kulo nyaka njengoba abakwa-SAPS bememezele ukuthi bazolihlola ngokuzenzekelayo inani elikhulu labakhokhi bentela.

Abakhokhi bentela abakhululekile ekugcwaliseni yilabo abathola isamba semali engenayo engaphansi kuka-R500,000 ngonyaka emthonjeni owodwa kuphela futhi abangatholi ezinye izibonelelo noma izinzuzo, futhi okukhishwe kubo i-PAYE ngokuvumelana namatafula okubanjwa kwentela amisiwe.

Nazi izinsuku ezibalulekile zokufaka izicelo kulo nyaka:

Kubantu ngabanye, ama-trust, izikhungo kanye namabhodi athumela amafomu abo mathupha, isikhathi sentela sivulwe kusukela mhla zizinye kuNtulikazi kuya kumhlaka-24 kuMfumfu.

Labo abasebenzisa i-online platform efiling bangathumela izimbuyiselo zabo kusukela mhla zizinye kuNtulikazi kuya kumhlaka-23 kuMasingana ngo-2023.

Izinkampani zidinga ukufaka amafomu azo entela phakathi nezinyanga ezingu-12 zokuphela konyaka wazo wezimali.

I-SARS iphinde yethula uhlelo lokuhlola i-auto-assessment oluzosebenza ngokusekelwe kwidatha etholakale kubaqashi, ama-medical aid, amabhange, izikhwama zomhlalaphansi kanye ne-annuity.

Esitatimendeni, iziphathimandla zentela zithe abantu bazohlolwa ngokuzenzakalela ukuze kube lula kuwo wonke umuntu ukufaka isicelo.

Uma abakwa-SARS sebeqedile ukuhlola okuzenzakalelayo, abakhokhi bentela bazokwaziswa nge-SMS noma nge-imeyili. Abakhokhi bentela bazokwazi ukubuka ukuhlolwa okuzenzakalelayo kwiwebhusayithi yokuhlola ye-eFiling noma i-SARS MobiApp.

Abakhokhi bentela bazophinde bakwazi ukubuka idatha yenkampani yangaphandle eyasetshenziswa ukuze kugcwaliswe imbuyiselo ngaphambili ukuze kuhlolwe ukuthi idatha ilungile yini.

Uma umkhokhi wentela anelisekile ukuthi ukuhlola okuzenzakalelayo kunembile futhi kuqukethe lonke ulwazi olufanele, kanye nembuyiselo efanele, akudingekile ukuthi athathe isinyathelo. Imbuyiselo yokuhlola izokhokhwa kwi-akhawunti yabo yasebhange phakathi namahora angu-72.

Kodwa uma umkhokhi wentela engavumelani nokuhlola okulinganiselwe, angafayela imbuyiselo yentela ye-ITR12 enembile zingakapheli izinsuku zebhizinisi ezingu-40 kusukela ngosuku lokuhlola okulinganiselwe.

“Kulo nyaka bangaphezu kwezigidi ezintathu abakhokhi bentela abahlolwe ngabakwa-SARS futhi ngeke kudingeke ukuthi bafake amaphepha entela uma begculisekile ngomphumela. Uma useqenjini elihlolwa i-auto-assessment, uzothola isaziso esivela kwa-SARS ezinsukwini ezimbalwa zokuqala zikaNtulikazi,” kusho isitatimende seziphathimandla zentela.

Izihloko zakamuva