Lungani Zungu
Kwenye yezinkulumo eputshukile nebiqoshiwe yomhlangano we-ANC ngoNdasa, kuzwakala uJessie Duarte evikela isinqumo sokwenqaba kwalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ukuya kwiKhomishini kaZondo.
Le nkulumo eqoshiwe yemizuzu eyisishiyagalombili ubude esabalale ngoMsombuluko ebusuku, iPhini likaNobhala-Jikelele uDuarte uzwakala egxeka iPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, ongusihlalo wekhomishini yokulawulwa kombuso yindlanzana.
UDuarte uncome uZuma ngokuchitha umyalelo wekhomishini.
“Ukuya kwikhomishini ephethwe nguZondo, ngikholwa wukuthi akuyona into ephusile okumele iqabane uZuma ayenze, uma kubhekwa umlando okhona phakathi kwabo (uZondo noZuma).”
Usole uZondo ngokuphendula ikhomishini yakhe inkantolo.
“Isiphenduke inkantolo yomthetho. Akuseyona ikhomishini. Bahlezi belindile ukushushisa abantu abeza ukuzonikeza ubufakazi.”
UZuma njengamanje ubhekene neminyaka emibili yokubhadla ejele ngokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo owawumyalela ukuthi avele kule khomishini ngoNhlolanja.
UDuarte waba yiphini likanobhala-jikelele ngonyaka wezi-2012 kulabo abebeyisithupha bethembeke kuZuma futhi wasigcina isikhundla sakhe kwaze kwaba ngu-2017.
Kule nkulumo eqoshiwe, uphinde ahlasele iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng, eholwa nguMengameli wamaJaji uDunstan Mlambo.
“Kungani njalo uma siya eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng, sazi ukuthi sizokwehlulwa. Sesiyazi ukuthi uma siya enkantolo enoDunstan Mlambo sizolahlwa yicala,” kusho yena.
“Kuyaziwa ukuthi uma iJaji uHlophe e-Western Cape elalela udaba lwe-ANC izobukeka kangcono.”
UDuarte uphinde wathi inhloko yamajaji uJustice Mogoeng Mogoeng akanakho ukuqonda mayelana noMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
UMogoeng unikeze uZuma kuze kube uLwesithathu ukuthi achaze ukuthi yisiphi isigwebo acabanga ukuthi sifanele umuntu oweqe umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
UZuma kusamele afake incwadi efungelwe.
Okhulumela i-ANC uPule Mabe wenqabile ukuphawula ngenkulumo eputshukile.
Isithombe: @MyANC