Elmon Tshikhudo
Noma ngabe ubemushiya ngeminyaka eyi-9 umfowabo, kodwa uRudzani Ramudzuli ubemusaba umfowabo, ngoba wayehlezi emuhlukumeza.
URudzani, oneminyaka engama-39, ubemusaba umfowabo omncane, obemutshontshela iminyaka, kangangokuba ubefisa ngathi angashona ukuze azophuma ezinhlungwini.
Kodwa akubanga njalo, ingxabano yalo mndeni iphele kabuhlungu ngoLwesithathu, ngesikhathi uRudzani kusolakala ukuthi ubulawe umfowabo omncane bebanga imali yesibonelelo sikahulumeni engama-350 amarandi.
Umfowabo kaRudzani omunye, uDavid Goba, uthe le ngozi yenzeke ngesikhathi uRudzani ethola imali yakhe yesibonelelo sikahulumeni e-Mukula Thembaluvhilo, ngaphandle kwase-Thohoyandou.
“Umfowethu, obehlukumeza uRudzani iminyaka, ubefuna ukuithatha imali yakhe kodwa wanqaba.
“Yilapho ingxabano eqale khona, umfowabo omncane wavele wathatha insimbi wamushaya ngayo ephindelela,” kusho uDavid.
URudzani obelimele kakhulu uphuthunyiswe esibhedlela, lapho afike wanqotshwa khona izinhlungu.
“Umbulala kanjani umfowenu wegazi?
“Kumele abolele ejele. Siyathemba ukuthi umthetho uzodlala indima yawo ungamuniki ibheyili kuze kuphele icala.”
Ngemuva kosuku abulawa ngalo uRudzani wakhuluma nabomndeni ukuthi umfowabo omncane ubemuhlukumeza nangokocansi.
“URudzani ubethula kakhulu ezithobile, ubengakuthandi ukulwisa umfowabo yize ubemudala kunaye emushiya ngeminyaka eyi-9,” kusho uDavid.
Uphinde wathi imfowabo useke wahlasela umama wabo, owashona ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yezinhlungu zokuhlaselwa kanye nesimo sempilo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojaoelo uqinisekisile ukuthi kuboshwe owesilisa oneminyaka engama-29 ubudala kanti uzovela enkantolo ebhekene necala lokubulala.