Kuphume isidumbu kowe-Comrades Marathon

Thate Msimango

Umsubathi obengenele i-Comrades Marathon ebingeSonto uMzameleni Mthembu ushonele esibhedlela ngemuva kokuwa wabe esequleka ngesikhathi egijima.

Isitatimende esikhishwe iqembu lakhe i-Hollywoodbets Athletics, sithe uMthembu uquleke endaweni yase-Pinetown ngaphambi kokuthi adluliselwe esibhedlela lapho ashonele khona.

“Umsubathi weqembu le-Hollywoodbets Athletics Club uMzamo Mthembu wasegatsheni laseToti ube nezinkinga phakathi nomjaho waquleka e-Pinetown wase ephuthunyiswa esibhedlela sase-Westville lapho ashonele khona,” kufundeka isitatimende.

IPhini likaMengameli we-KwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu uziqinisekisile lezi zindaba.

“Siphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kukaMzameleni Mthembu. Kungesinye sezimo ezisizwisa ubuhlungu,” kusho uMngomezulu.

“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kunkosikazi wakhe, izingane kanye nezihlobo ezisondelene naye ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uMngomezulu.

UMngomezulu kanye noMthembu banomlando njengoba bobabili bake bagijima eqenjini elilodwa i-Thekwini Athletics Club.

UMngomezulu uchaze lo msubathi (42) waseManzimtoti njengomuntu obenamancoko.

Uthe yena noMthembu baphuma oPhongolo KwaZulu-Natal.

“Ngesikhathi ngizwa ukuthi singomkhaya kwavele kwaba lula kakhulu ukuthi sibe abangani,” esho.

“Ubengumuntu ohlezi ehleka futhi eqhulula amahlaya. Ubemude futhi ethanda ukugijima ngenhliziyo yakhe yonke. Njengomndeni wezokusubatha silahlekelwe ngomunye wozakwethu,” kusho iphini likaMengameli we-KZNA.

Umthombo wesithombe: @HollywoodbetsAthleticsClub

Izihloko zakamuva