Kuphume isidumbu izelamani zibanga umuzi

Elmon Tshikhudo

Kuphethe ngokuthi kuphume isidumbu kuboshwe oyedwa kwizelamani ebezibanga umuzi kanina osashona. 

“Kumanje sithwele kanzima singcwaba umfowethu omdala ekubeni omunye uboshiwe. Lokhu kuningi kakhulu ukuthi singamelana nakho.”

Lawa ngamazwi uNdanganeni Mabuli abengakaze acabange ukuthi angawasho, kodwa ngoMsombuluko umfowabo uboshelwe icala lokubulala umfowabo omncane e-Tswinga ngaphandle kwase-Thohoyandou.

Isizathu sokuxabana kwabafowabo akuyona into engavamile. Ngemuva kokushona kukanina wabo uGladys Mabuli ngonyaka ka-2019, bobabili bazama ukufuna ukuphatha lomuzi kanina wabo womxhaso(RDP) .

UGladys nguyena owahlomula indlu futhi isengaphansi kwegama lakhe.

Ngemuva kweminyaka emithathu, ingxabano iphethe ngokuthi umfowabo omdala ashone enamanxeba okugwazwa amaningi, ubuso bakhe buseduze nesitini esisetshenzisiwe ukumhlasela.

Inkosi yendawo uTshishonga Netswinga ithe sekunezikhawu eziningi bezama ukulamula uma lezi zelamani zixabana.

“Lolu daba belusaqhubeka kusukela kwashona umnikazi womuzi,” kusho uNetswinga etshela i-Scrolla.Africa.

“Asisazi isizathu sokuthi kungani bengafuni ukuhlala ndawonye kodwa ulwazi esilutholile ukuthi umfowabo omdala ubefuna lomuzi kube owakhe yedwa ethi walekelela ngesikhathi kwakhiwa lomuzi.

“Yebo siyazi ukuthi wasiza kodwa lokhu akuzange kumnike imvume yokuxosha izingane zakubo. Lena indlu yomndeni,” kusho uTshishonga.

UNetswinga uqhube wathi izelamani zike zaba nenye impi, lapho kulimale khona omncane.

“Samsiza sameluleka ngokuthi akavule icala kodwa akazange alivule, siphatheke kabi kakhulu ngokushintsha kwezinto, siyazi ukuthi bebenezinkinga kodwa besingakaze sicabange ukuthi lokho kuzogcina kunje,” kusho inkosi.

“Ngenhlanhla udadewabo ubengazibandakanyi nezingxabano zabo futhi usezonakekela umuzi njengoba umfowabo omncane eboshiwe kanti omunye useshonile.

UNdanganeni, osecosha izicucu zombango wabafowabo, uthe umndeni wabo uhlukene phakathi.

“Besazi ukuthi kunezinkinga kubafowethu ababanga umuzi kodwa besingakaze sicabange ukuthi ngelinye ilanga kuyokwenzeka ngale ndlela,” kusho udadewabo.

Izihloko zakamuva