Kuphume isidumbu emlilweni oqubuke emjondolo 

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

Umlilo ocekele phansi imijondolo ushiye konke kuwumlotha.

Lo mlilo udlule nempilo kaSimon Madileng (48) washiya umqaphi wasemgwaqeni uSelina Ramokgopa engenalo uphahla lokukhosela.

Kungenzeka ukuthi umlilo wangoMsombuluko owenzeke eGomora elokishini lase-Alexandra udalwe isitofu esishiywe sivutha.

Ngokusho kukaTshepiso Madileng ongudadewabo kamufi akazi ukuthi imbangela yomlilo ibe yini kodwa akwaziyo ukuthi umfowabo akasekho.

“Sonke siphatheke kabi ngokushona kukaSimon futhi sithwele kanzima ukuze senze amalungiselelo omngcwabo wakhe,” kusho uTshepiso.

URamokgopa ubengekho emzini wakhe enza umsebenzi wakhe wokuqapha emgwaqeni ngesikhathi kuqubuka umlilo wathola ukuthi umuzi wakhe uyasha sekwephuze kakhulu.

Ufike endaweni yesigameko wazibonela ngokwakhe izimpahla zakhe abezikhonzile seziphenduka umlotha.

Ubonge kakhulu ngokuphila kodwa uvumile ukuthi le nhlekelele ilunyakazisile ukholo lwakhe.

Ukucekelwa phansi komuzi wakhe kumshiye edabukile futhi ephelelwe ithemba.

“Angisebenzi futhi angazi ukuthi ngizowuvusa kanjani umuzi wami njengoba ngingenawo umndeni ongangondla,” esho.

Manje usefuna usizo ukuze akhe kabusha impilo yakhe.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eGoli, uBusi Kheswa uqinisekise imindeni ethintekile ukuthi ithimba elizinikele lizohlola isimo sabo bese linikeza ukwesekwa okudingekayo.

Esithombeni esingenhla: USelina Ramokgopa oyisisulu somlilo ucela usizo lokwakha kabusha umuzi wakhe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva