Kuphume isidumbu embhikishweni onodlame

Tladi Moloi

Umbhikisho onodlame udlule nomphefumulo womfana oneminyaka engu-15  elokishini lase-Beruit e-Qwaqwa e-Free State.

UMbuyiswa Buthelezi kubikwa ukuthi uwile wangena ngaphansi evenini ebithwele amathayi iwahambisa kubabhikishi ngeSonto. 

Ngokusho kozibonele ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ukuze kuvikeleke imoto abehamba ngayo uthe imoto ebigitshelwe uButhelezi ibihamba ngesivinini esiphezulu ngesikhathi ewa.

Amalungu omphakathi abethukuthele athe sekuphele amasonto amathathu engenawo ugesi ngakho bavale umgwaqo ngamatshe namathayi avuthayo emnyango wenxanxathela yezitolo i-Maluti Crescent.

Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukuthi sidalule igama lalo lithe bese bekhathele bathatha isinqumo sokuvala umgwaqo.

“Siyazi ukuthi ilona lodwa ulimi oluqondwa abaholi bethu. Sichitha cishe amahora angu-19 ngosuku singenawo ugesi. 

Siyawuthenga ugesi, kodwa asinawo uma kufanele siwusebenzise. Izindleko zokuphila ziphezulu kakhulu, njengoba sazi sonke ukuthi ukudla kumba eqolo. 

Kodwa manje sekumele sikulahle konke okusefrijini ngoba sekubolile,” kusho ilungu lo mphakathi.

UBrigadier Diau Ramolla umphathisiteshi esiteshini sase-Phuthaditjhaba uthe kuboshwe oyedwa ngokushona kwalo mfana.

“Sibophe umnikazi weveni ongusomabhizinisi oqhamuka ezweni langaphandle ohlala kule ndawo. Icala lodlame emphakathini libhalisiwe kanti umsolwa uzovela phambi kweMantshi yase-Phuthaditjhaba maduze.”

UParatlane Motloung onguSomlomo kuMasipala wase-Maluti-a-Phofung, uthe baphatheke kabi ngokudlula emhlabeni komfana omncane.

“Siphatheke kabi kakhulu futhi siphoxekile ngokulahlekelwa ngumfana omncane kangaka. Siyazi ukuthi uMasipala ubunenkinga kagesi isikhathi eside futhi sisayilungisa. Sisanda kuba nomhlangano no-Eskom ngemizamo yokuqhamuka nesixazululo,” kusho uMotloung. 

Izihloko zakamuva