Kuphume i-Kwai-Jazz uDon Laka no-Hhashi Elimhlophe behlanganyela ingoma

Linda Ximba

UBheki Ngcobo ongumakadebona womculo kaMaskandi, odume ngelika-Hhashi Elimhlophe, uthanda ukuhloba ngokuxuba izinhlobo ezahlukene zokwenza umculo.

Yingakho ngesikhathi ethola ucingo oluvela kumculi odumile we-Jazz uDon Laka, akuzange kubathathe isikhathi eside ukuqhamuka nengoma eyodwa, abayibize nge”Laphendlini.”

UNgcobo, oseneminyaka engaphezu kwengama-30 esemkhakheni wezomculo, uthi le ngoma izoba nomsindo wezinto ze-kwai-jazz nomaskandi.

ULaka ungumculi ohlonishwayo ngokwakhe.

Ngaphandle kokuba ngumdlali wepiyano osebenza kahle, usekhiqize abaculi abehlukene abacula ngezitayela ezahlukene.

“Mina noBra Don sisuka kude futhi lokhu kusebenzisana sekudlulwe yisikhathi. Ngiyasithanda isitayela sakhe futhi uyasithanda nesami yingakho ngesikhathi eqhamuka nomqondo wokuthi sicule ndawonye ngangazi ukuthi sizoxhumana senze imilingo esitudiyo,” kusho uNgcobo.

Le ngqalabutho kamaskandi ithe akukhona okokuqala ifaka umsindo wesintu neminye imikhakha.

“Esikhathini esedlule ngike ngasebenza nabaculi be-kwaito abafana noBoom Shaka, uSbu maLawyer, oDJ bomculo we-house abanjengoDJ Oskido, nezicukuthwane zoMbhaqanga – iSoul Brothers – kanti impendulo yomphakathi ibiyinhle kakhulu. Ngikholwa wukuthi lokhu kusebenzisana nobra Don kuzokwamukelwa futhi”.

Uphethe ngokuthi kuyimanje bamatasa ngokuthwebula ividiyo kanti bazokhipha eyodwa ku-iTunes nakwezinye izinkundla ngaphambi kokuphela kwale nyanga. 

Isithombe: Facebook

Izihloko zakamuva