Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abasebenzi bezimo eziphuthumayo sebeqinisekise ukuthi kushone abantu abayisishiyagalolunye ngenxa yezikhukhula kuMasipala wesiFunda i-OR Tambo ngoMsombuluko nangoLwesibili.
Ibhasi lesikole ebelithwele abafundi lisadukile emuva kokuthi ligugulwe amanzi ebhulohweni i-Efata ngaseMthatha, okusatshwa ukuthi kushone okungenani abantu abayishumi.
Isibalo sabashonile ngenxa yezikhukhula kuleli sonto e-Eastern Cape sesinyuke safinyelela kwabayisishiyagalolunye.
Abasebenzi bezimo eziphuthumayo bathole ezinye izidumbu ezimbili ngoLwesithathu, ngemuva kwezinsuku zemvula enamandla kuMasipala wesiFunda i-OR Tambo.
Bangu-11 abantu abasadukile okuhlanganisa nezingane ebezigibele ibhasi lesikole eMthatha.
Ibhasi belihambisa abafundi eJumba Senior Secondary School ngesikhathi lidudulwa amanzi akhuphukayo e-Efata Bridge ngoLwesibili.
Ithimba labezimo eziphuthumayo liphoqeleke ukuthi limise ukusesha ngenxa yesimo sezulu esibi, kodwa liphinde laqala kabusha ngoLwesithathu.
Okhulumela uhulumeni wesifundazwe uYonela Dekeda uthe: “Sekusungulwe ithimba lezimo eziphuthumayo elihlangene lezinhlaka ezahlukene, lisaqhubeka nokuthungatha ibhasi lesikole elimuke nezingane zesikole ngaseMthatha ngoLwesibili.”
I-South African National Taxi Council ithe ibhasi ebelilayisha abantu abangu-22 liphukile umshayeli wabe esecela usizo ngaphambi kokuthi liguguleke.
“Amanzi abegcwele ibhuloho ngesikhathi kufika usizo,” kusho okhulumela umkhandlu uMmatshikhidi Rebels Phala.
Abazibonele bathe abanye abafundi babonakale bebambelele ezihlahleni bememeza becela usizo ngaphambi kokuthi bahlengwe.
Isibalo sezingane ebhasini asikaziwa, njengoba abafundi abaningi belandela ama-timetable ahlukene ezivivinyo. Kukholakala ukuthi okungenani bangu-10 abantu abangaziwa, okuhlanganisa nomshayeli.
Lezi zikhukhula ziphinde zacekela phansi imizi nemigwaqo, zanqamula ugesi zashiya indawo yokuhlanza amanzi e-Butterworth igcwele amanzi.
Lokhu sekushiye izingxenye zase-Butterworth zingenamanzi ahlanzekile.
UNdunankulu wase-Eastern Cape, u-Oscar Mabuyane, usethumele amathimba aseka izifundazwe. Abasebenzi bezimo eziphuthumayo besiza imindeni futhi bahlola ukuthi umonakalo ungakanani.
Esithombeni esingenhla: Izindlu ezicwile emanzini ngemva kwezikhukhula eziyingozi.
Umthombo wesithombe: Facebook