Everson Luhanga
Kubikwa ukuthi kulimale abantu abathathu ngesikhathi inhlangano yeDudula Movement ihilizisana nabanikazi bamabhizinisi kwinxanxathela yezitolo e-Alexandra’s Pan Africa Mall ngoMsombuluko.
Abadayisi besifazane bathathe isinqumo sokuma bengayi ndawo ngesikhathi owesilisa weqembu leDudula ozibiza ngoMsyaza, esabisa ngodlame uma osomabhizinisi abaqhamuka ngaphandle baselokishini laseGoli bengaphumi kuleli maduzane.
Ividiyo eqoshwe izintatheli zakwa-Scrolla.Africa ikhombisa abesifazane bememeza kakhulu bethi ngeke bayishiye indawo abayibiza ngokuthi ikhaya labo, futhi ngeke bathuswe izigebengu.
Ngesikhathi kuqhubeka lezi zingxabano owesilisa oyedwa uhlaselwe washawa kanzima ngezinduku nangamatshe emuva kokuthi ezame ukuvimba ababhikishi beqembu leDudula abebevela ukuyoshisa ezinye izindawo.
Lezi zingxabano ziqale ngemuva kwengxabano yezwi phakathi kowesilisa odabuka e-Mozambique kanye nowaseNingizimu Afrika okugcine kuphenduka udlame nokuphoqe ukuthi inxanxathela yezitolo ebizwa nge-Pan Africa Mall ivalwe.
Umnikazi webhizinisi uVernon Moodley uthe wesabela ukuphepha kukamama wakhe oneminyaka engu-79 ubudala owavaleleka esitolo sabo ngemuva kokuthi amalungu eDudula evale izicabha ngendluzula.
“Ngesikhathi amalungu eDudula Movement efika, asiphoqe ukuthi sivale isitolo,” kusho uMoodley etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngingakamkhiphi umama wami osemdala esitolo bafike bashaya izicabha bavalela umama phakathi. Ngenhlanhla benginabo abanye okhiye ngakwazi ukumkhipha,” kusho lo somabhizinisi.
Umama obebonakala ehlukumezekile, obengafuni ukuthi igama lakhe lishicilelwe kunoma iyiphi imithombo yabezindaba ngenxa yokwesabela ukuphepha kwakhe, akakwazanga ukukhuluma ngemuva kwalokho.
UVernon uthe useneminyaka engu-20 esebhizinisini. “NgoNtulikazi odlule, abaphangi bashise isitolo sami ngemuva kokuntshontsha kuso. Kwadingeka ngiboleke imali ebhange ukuze ngiqale phansi yonke into. Manje siphoqeleka ukuthi sivale izitolo zethu. Kufanele ngenzenjani manje?”
I-Freedom Supermarket, enye yezitolo ezinkulu ezaziwa kakhulu e-Alexandra, nayo abantu abazitapela kuyo yashiswa ngoNtulikazi odlule. Iphinde yathola amachaphazelo ngoMsombuluko.
Amalungu eDudula ashayisane nabaphathi bayo, bafunga ukuthi ngeke bayivale.
Abebehleli ezindaweni zokudlela eziseduze nenxanxathela yezitolo baphoqeleke ukuthi bayeke ukudla ngenxa yesiphithiphithi.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umholi wenhlangano iDudula uNhlanhla Lux Dlamini uqhelelanise inhlangano yakhe ne-Alexandra Dudula Movement.