
Sizwe Sibiya
UDave Chapelle ube ngusomahlaya wesibili oseqophelweni eliphezulu ukuhlaselwa esiteji kulo nyaka ngesikhathi eshaywa isishoshovu salabo abazishintsha ubulili.
Ukuhlaselwa kukaChapelle kuza ngemuva kwamasonto ambalwa uWill Smith eshaye uChris Rock bukhoma kuma-Oscars ngokwenza ihlaya ngesimo sikankosikazi wakhe uJada Pinkett Smith sokuqothuka kwezinwele.
UChapelle ubephakathi nokwenza isethi ye-Netflix iyisiteji somkhosi wamahlaya e-Hollywood e-Los Angeles ngesikhathi uLee egibela esiteji emhlasela.
Izithombe zesigameko zikhombisa uChapelle edonsana kanzima noLee ngaphambi kokuthi abezokuphepha bamdonsele ngemuva esiteji.
Kubikwa ukuthi umlingisi uJamie Foxx ugxumele esiteji ukuze avikele uChapelle kanti noChris Rock ungenile naye ezolekelela uChapelle, oncokole wabuza ukuthi ngabe uWill Smith loya?
“Noma nini uma usenkingeni uJamie Foxx uzovela egqoke isigqoko sikaSheriff,” kusho uChappelle emi eduze kukaJamie Foxx esiteji ngemuva kwesigameko.
“Ngisanda kuphuma e-Hollywood Bowl lapho owesilisa ebhekane noDave Chapelle esiteji washawa cishe abantu abayishumi,” kubhala omunye umlandeli kwi-Twitter.
“I-LAPD kanye ne-LAFD bamfake kwisithuthi seziguli,” kubhala omunye obehambele umcimbi wamahlaya owabelane ngevidiyo yesithuthi seziguli sikhipha umsolwa ngaphandle kwe-Hollywood Bowl Arena.
ULee oneminyaka engu-23 kumanje uvalelwe ejele ngebheyili ka-R474 744 kubika izindaba ze-CBS.
NgoMfumfu nyakenye inqwaba yabasebenzi be-Netflix baphuma ehhovisi lenkampani e-Los Angeles beyobhikisha bephikisana namahlaya kaChappelle lapho kusolakala ukuthi wenza ihlaya ngento obekungamele ahlekise ngayo.
Umthombo wevidiyo: Twitter