Kuphinde kwangqongqiswa amanye amaloli amane

Kuphinde kwashiswa amanye amaloli amane kuthelawayeka u-N2 phakathi kwe-Piet Retief ne-Ermelo.

Amaloli amathathu acekeleke phansi kanti elesine lona lishe kancane endaweni ye-cabin.

Omunye umgibeli wesifazane ushe ezinyaweni njengoba kuthiwa ubelele kwelinye lamaloli.

Ngesikhathi abazimo eziphuthumayo (EMS) befika endaweni yesigameko baye bamthatha ukuze ayokwelashwa.

“Abantu abangaziwa baqhamuke ezindaweni ezinotshani eziseduze bephethe izibhamu base besondela emalolini,” kuqinisekisa uBrigadier Selvy Mohlala.

“Bayalele abashayeli ukuthi bashiye amaloli wabo babasabisa ngokuthi bazobashisa bephila uma behluleka ukwenza lokho. Besabela izimpilo zabo, abashayeli bashiye amaloli abo ngokushesha babaleka endaweni yesigameko”

Abahlaseli baye bashisa amaloli.

Abomthetho abakabophi muntu ngalesi sigameko futhi uphenyo lusaqhubeka.

Okwamanje imbangela yalokhu kuhlasela ayikacaci.

Lesi sigameko sakamuva singesesine ezinsukwini ezintathu ezedlule lapho okushiswe khona amaloli amaningi. Isibalo samaloli ashisiwe sesimi ku-20 kanti izigameko ezahlukene zibikwe emigwaqeni enguthelawayeka u-N2, u-N3 kanye no-N4.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Lubhaliswe nguMbhali we-staff

Esithombeni esigenhla: Amaloli athungelwe ngomlilo ngoLwesithathu ekuseni

Izihloko zakamuva