Elmon Tshikhudo
Imindeni yase-Nzhelele e-Limpopo ikhungathekile ngemuva kokucekelwa phansi kwesikole sesibili kule ndawo esikhathini esingamasonto amabili.
Emasontweni amabili edlule isikole samabanga aphansi i-Thononda sishiswe saba umlotha, kwadala umonakalo wemali engamakhulu ezinkulungwane zamarandi kwaphinde kwalahleka amahora angamakhulu okufunda kwabafundi.
Kuleli sonto isikole samabanga aphansi i-Siloam siphangwe izigebengu ezintshontshe impahla yesikole nezinsiza zokufunda ezingabiza izinkulungwane zamarandi.
Phakathi kwezinto ezibalulekile ezebiwe kubalwa ama-laptop, amakhamera, amaprinta, ama-printer toner, i-Wifi router, umsakazo kanye nomabonakude.
Kube buhlungu kakhulu ukugetshengwa kwesikole njengoba isikole besisanda kuthenga izincwadi ezintsha sha zenani elingaphezu kwemali eyizi-R70 000 kulungiselelwa izivivinyo zokuphela konyaka, kodwa iningi lazo lithathwe izigebengu.
Ilungu lesigungu esilawula isikole, uSamuel Mukwevho, uthe kungenzeka ukuthi lo mkhuba wokweba wenzeke ngoLwesine nangoLwesihlanu olwedlule.
“Sibe nomhlangano esikoleni ngayizolo ukuzama ukuxazulula izinkinga ezithinta ukuqashwa kwabafundi esikoleni,” kusho uMukwevho.
“Ngakusasa ngezithuba zehora lesihlanu ekuseni ngithole ucingo oluvela kuthishomkhulu engitshela ukuthi ikhompyutha yesikole ithathwe ngabesifazane abasebenzela uhlelo lokuphakela izingane esikoleni ababezosebenza ekuseni.”
UMukwevho, efunda izimpawu zokugetshengwa futhi esaba okubi kakhulu, uphuthume esikoleni wathola ukuthi umnyango wegumbi lothisha uvulwe ngenkani.
Uthe uma ebhekisisa wathola ukuthi ezinye izicabha zangaphakathi nazo zibhodloziwe zavuleka kanti zonke izinto zokusebenza nezinto zokubhala bezingekho.
“Lokhu kuwukweba ikusasa nesisekelo sezingane zethu.
“Sizoba nomhlangano siwumphakathi lapho sizobumba ithimba elizosebenza ngokubambisana namaphoyisa futhi sithemba ukuthi izigilamkhuba zizobanjwa ngokuphazima kweso,” kusho uMukwevho, owengeze ngokuthi ukubuyiswa kwemishini kuzoyisiza kakhulu imfundo yabafundi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo, uTidimalo Chuene, ukuqinisekisile ukuthi bathole umbiko mayelana nokugqekezwa.
“Siyasigxeka kakhulu lesi senzo sobugebengu futhi sinxusa nemiphakathi yethu ukuthi isize ekubambeni lezi zigebengu ngokusebenzisana namaphoyisa ngesikhathi sophenyo,” kusho uChuene.
Uthe ihhovisi lesekethe lendawo lixhasa isikole ngemishini ye-IT kanye nezinto zokubhala ukuze kuqinisekiswe ukuthi izivivinyo zokuphela konyaka zihamba kahle.