Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abanye abasolwa abathathu bonke abebesebenza kwa-G4S baboshwe ngoMsombuluko kusihlwa, ngokwesitatimende esikhishwe ngoLwesibili esiphuma kokhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe.
“Abasolwa ababili baneminyaka engu-47 ubudala kanti owesithathu uneminyaka engu-37. Bobathathu ngabesilisa futhi bonke bebesebenza kwa-G4S,” kusho uMathe.
UMathe uthe umsolwa oyedwa uboshwe kwakhe e-Botshabelo ngesikhathi abanye ababili beboshwa lapho abahlala khona e-Bloemfontein.
“Kulindeleke ukuthi laba abathathu bavele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesithathu ngomhlaka-28 kuNhlangulana.
“Bonke babhekene necala lokusiza isiboshwa ukweqa esitokisini esisemthethweni, elokuhlukumeza isidumbu kanye nelenkohlakalo.”
Ukuboshwa kwalaba kwenza isibalo sabasolwa ababoshiwe kuleli cala sifinyelele ku-12 kanti uMathe uthe kungenzeka ukuthi kuboshwe abanye abaningi.
UThabo Bester uboshwe e-Tanzania ngoMbasa ngemuva kokuqamba amanga ngokushona kwakhe kanye nokweqa ejele ngoNhlaba nyakenye ngosizo lwabasebenzi abambalwa bakwa-G4S.
Esithombeni esingenhla: UThabo Bester
Umthombo wesithombe: Twitter