Lubhalwe nguLinda Ximba
I-Boxing South Africa (BSA) imise ilayisensi yowayengumpetha wesibhakela emhlabeni uZolani “Lastborn” Tete kulandela ukufeyila kwakhe ngesikhathi kuhlolwa izidakamizwa egazini lakhe.
Umphathi wakhe uMlandeli Tengimfene udalule ukuthi ithimba lakhe selivule uphenyo lwangaphakathi olubhekiswe kubaqeqeshi bakhe ukuze bathole ukuthi izidakamizwa zingene kanjani emzimbeni womshayisibhakela.
“Asimangazi isinqumo se-BSA ngoba abafuni ukuzihlanganisa nento ezongcolisa igama lesibhakela,” kusho uTengimfene etshela i-Scrolla.Africa.
“Kodwa simile ekutheni uZolani akakaze asikhohlise ingakho sizolucubungula lolu daba.”
UTete watholakala enezidakamizwa egazini lakhe ngesikhathi ehlolwa e-United Kingdom okuyilapho enqobe khona izicoco ezintathu ngesikhathi esisodwa okuyibhande le-Commonwealth, ele-IBF nele-WBO International ngemuva kokushaya uJason Cunningham ngomzuliswano wesine mhla zimbili kuNtulikazi.
Ubehambisana nabaqeqeshi bakhe uPhumzile Matyila, uLoyiso Mtya noMakazole Tete.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukufinyelela esiphethweni salolu daba,” kufunga uTengimfene.
Uma isampula yesibili ibuya ikhombisa izidakamizwa egazini lakhe, uTete (34) angase amiswe emidlalweni yesibhakela iminyaka emine. Uma ithimba lakhe lingakwazi ukukhombisa ngokusobala ukuthi akazange azidle ngamabomu izidakamizwa, isigwebo sakhe singancishiswa kodwa uma etholakala enecala impi yakhe noCunningham izongabalwa.
Lo mshayisibhakela wase-Eastern Cape ungumpetha we-World Boxing Organisation bantamweight futhi wake waphatha isicoco se-International Boxing Federation junior featherweight.
Njengamanje ubekwe endaweni yesithathu ku-WBO kanti uhleli endaweni yesithupha ku-IBF esigabeni se-junior featherweight.
Osesithombeni esingenhla nguZolani Tete
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe