Kuphenywa amaphoyisa ngodaba lokushona kwabantu Emalahleni

Lubhalwe nguNothando Makhubela

Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) lusaphenya amacala ezakhamuzi ezadutshulwa zabulawa ngamaphoyisa ngesikhathi kunemibhikisho Emalahleni, eMpumalanga.

Akuyona imfihlo ukuthi ukudubulana nokubulawa kwamaphoyisa uma kunemibhikisho yomphakathi kuseyinkinga enkulu Emalahleni.

Lokhu kuza ngemuva kwemibhikisho eqhubekayo yabantu baKwaGuqa abakhala ngogesi okuholele ekutheni kushone abantu abane zingakapheli izinyanga eziyisithupha.

Ngonyaka odlule mhla ziyishumi kuLwezi, uLeah Lubisi (50) wadutshulwa wabulawa ngamaphoyisa ngesikhathi izakhamuzi zase-Vosman, ngaseMalahleni ziqala imibhikisho enodlame ngenxa yokunqamuka kukagesi.

Mhla ziyishumi kuNhlaba, uPhilasande Yende (13) udutshulwe ekhanda iphoyisa embhikishweni wokufuna ugesi e-Vosman. Ubephakathi kwabantu abathathu abashona ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wezinsuku ezine.

Ekhuluma nabe-Scrolla.Africa, okhulumela i-Ipid kuzwelonke uRobbie Raburabu uthe i-Ipid iphenya ngesimo sokushona kwabantu.

“Siyazi ngokushona kwabantu ababili ezinsukwini ezimbalwa ngokwehlukana okubandakanya umfana obeneminyaka engu-13 nowesilisa obeneminyaka engu-25 ubudala.”

Indodakazi kaLubisi ongasekho, uBongiwe Masheeo ithe balinde ukuzwa emaphoyiseni ngodaba lukanina.

“Selokhu ashona bekunzima ekhaya njengoba kunguyena obesondla,” kusho indodakazi.

“Kubuhlungu ukuthi umama washona ngenxa yombhikisho abengahlanganyeli kuwo. Engikufunayo nje ukubona ubulungiswa benziwa.”

Isakhamuzi saseHlalanikahle, uTebogo Mokoena sithe: “Kubalulekile ukuthi amaphoyisa asebenzise amandla ngokweqile aphendule ngesenzo sawo. Amaphoyisa awakwazi ukudubula abantu abangenacala abalwela ukulethwa kwezidingo.”

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa edubula izakhamuzi ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho womphakathi obukhala ngokulethwa kwezidingo Emalahleni, eMpumalanga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva