Kuphenduke amatafula kweyaseKZN kunqoba uDuma

Celani Sikhakhane

Iqembu elizibiza nge-Taliban kwi-ANC KwaZulu-Natal liphendule itafula kuNdunankulu uMnu Sihle Zikalala ngesikhathi limehlula ngendlela emangalisayo engqungqutheleni ye-ANC esifundazweni.

OwayenguNobhala we-ANCYL esifundazweni, uMnu Sboniso Duma, umangaze abaningi ngesikhathi ephuma phambili esikhundleni esinamandla ephikisana noZikalala engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoMgqibelo.

Ngemuva kokuvota kwezifunda ezingu-11 okuthathe cishe amahora ayisikhombisa uDuma umenyezelwe njengoSihlalo omusha we-ANC esifundazweni, ehlula uZikalala ngamavoti angu-930 kwangu-664.

Omunye owayengumholi we-ANCYL KwaZulu-Natal, iMeya kaMasipala wase-Kokstad uMnu Bheki Mtolo uqokwe njengonobhala omusha ethatha izintambo kuMdumiseni Ntuli.

UNgqongqoshe wezeziMali uNkk Nomagugu Simelane ungene esikhundleni sokuba iPhini likaSihlalo, uNgqongqoshe we-CoGHSTA esifundazweni uSipho Hlomuka waba iPhini likaNobhala ngesikhathi owayeyiMeya kaMasipala wase-Newcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba ethatha esoMgcinimafa wesifundazwe.

Owayeyimeya yeTheku, uZandile Gumede, nowake waduma kakhulu ukuthi uzongenela isikhundla sokuba umgcinimafa, ukuchithile ukuphakanyiswa kwakhe wathi akekho.

UNksz Nomusa Dube-Ncube obegaqele isikhundla sikaSihlalo wesifundazwe wehlulekile ukuhlangabezana nezinfuno zamagatsha.

Umphathi weqembu lebhola lezinyawo Amazulu uSandile Zungu naye unqabile ukuqokwa.

UZikalala noDuma yibona abebehamba phambili esikhundleni esiphezulu sokuhola le nhlangano esifundazweni.

Ingqungquthela eqhubekayo yesishiyagalombili yokukhetha ubuholi KwaZulu-Natal e-Olive Convention Centre kulindeleke ukuthi ivalwe uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuhamba kwesikhathi ngeSonto.

UMnu Nocawe Mafu obemele i-National Executive Committee uzwakalise ukukhathazeka ngokwehluleka kwabesifazane ukungena kubaholi abahlanu abaphezulu.

“Mina ngibona sengathi kufanele sithole indlela entsha yokukhetha abesifazane ngoba ngeke sibe nesimo lapho izithunywa ezehluleka khona ukubeka abesifazane phambili ukuthi bahole inhlangano yethu,” kusho uMafu.

UDuma uthe uzolwela ukuhlanganisa isifundazwe esigubuzelwe uqhekeko selokhu kwashiya owayenguSihlalo uMnu Senzo Mchunu. UMchunu waphoqeleka ukuthi asule njengoNdunankulu ngemuva kokuhlulwa engqungqutheleni yesishiyagalombili yokukhetha ubuholi ngo-2015.

Izihloko zakamuva