Kuphenduke amatafula i-Japan iguqisa i-Germany

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Njengoba i-Germany kade isizithele ngabandayo enkundleni, i-Japan izitholele ithuba ngesiwombe sesibili yabuya ngamagoli amabili yakwazi ukunqoba ngo 2-1. 

Ubunzima kakhulu umzuliswano wokuqala enkundleni yebhola i-Khalifa international stadium, njengoba elinye lamaqembu athandwa kakhulu beselivele lithukuthele ungakaqali umdlalo.

Iqembu lesizwe sase-Germany livale imilomo ngesandla ngesikhathi kuthathwa izithombe zeqembu ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo, okuthe ngokuhamba kwesikhathi abaphathi beqembu bakhipha isitatimende esimayelana nesiteleka.

“Lokhu bekungekho mayelana nokuqonda abathile—eyamalungelo abantu ayikhulumisi. Lokhu kufanele ngabe into ethathwa kalula, kodwa akunjalo. Ingakho lo myalezo ubaluleke kakhulu kuthina,” besho kuTwitter.

Isiteleka siqale ngemuva kokuzwa izindaba ezithi, abadlali bazokhishwa i-Fifa ngamakhadi aphuzi uma bekhetha ukufaka amabhande asengalweni abhalwe ukuthi OneLove ukweseka umphakathi we-LGBTQIA+.

Ngesikhathi umdlalo usuqalile futhi usushisa , i-Germany ibibukeka ikwazi ukuwulawula lo mdlalo. Uhlangothi lukaHans Flick belimuka naso isiwombe sokuqala.

Ngaphandle kokwengamela ibhola ngo-74% kanye nemizamo engu-26 yokuthola igoli eqenjeni le-Japan,  ukungena kukaTakuma Asona, Rustu Doan kanye noTakumi Minamino kuwenzile umehluko ngesikhathi usuzophela umdlalo.

UDoan ulinyusile izinga emizuzwini engu-75 ngaphambi kokuthi u-Arson anqobele isizwe sase-Japan, wethusa bonke abalandeli be-Germany.

I-Germany uma ingadlulela esigabeni samaqembu angu-16 ahamba phambili ingaba nalo lonke ithuba lokubuyisa isithuzi, kanti izobhekana ne-Spain kulandele i-Costa Rica. 

Esithombeni esingenhla: I-Japan ibungaza igoli layo

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva