Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INkosi uThanduyise Mzimela uvezwe njengoSihlalo omusha webhodi leNgonyama Trust kanti iJaji uJerome Ngwenya uphumile.
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini umemezele lolu shintsho ngoLwesibili kubaholi bomdabu kanti kulindeleke ukuthi atshele uNdunankulu wakhe uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngalolu shintsho olusha.
Umhlangano ubusesiShayamthetho esidala oLundi kodwa uButhelezi ubengekho.
UNgwenya ube uSihlalo webhodi isikhathi eside kunabo bonke kusukela ngo-2000. Waqokwa iSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu ngemuva kweminyaka emihlanu kwasungulwa Ingonyama Trust ebhekele umhlaba ongamahektha ayizigidi ezintathu KwaZulu-Natal.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uNgwenya uthe nakuba engakaziswa ngokusemthethweni kodwa uzwile ukuthi iSilo simemezele ukuthi sizoqoka uMzimela emhlanganweni obusoLundi.
“Khumbula ukuthi iSilo sinezwi lokugcina. Manje ngilinde ukwaziswa ngokusemthethweni ngalokhu,” esho.
Njengoba elungiselela indlela yakhe yokuphuma akanazo izinhlelo zokubuyela emsebenzini wakhe wangaphambilini wokuba ijaji.
“Nginomsebenzi omningi ongilindile ngakho ukubuyela ebhentshini lamajaji akuyona into engiyifisayo. Uhlelo lwami ukuthi ngibambe iqhaza lokweluleka kwezomthetho ezinhlakeni zezomthetho ngibhale nezincwadi,” esho.
Kusolwa ukuthi ukukhishwa kukaNgwenya kugqugquzelwe osopolitiki abathile okubalwa kubo uThoko Didiza onguNgqongqoshe wezoLimo, ukubuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya.
UNgwenya ukhishwe ephakathi nengxabano noDidiza mayelana nokubambezeleka kokuqashwa kwebhodi leNgonyama Trust.
UNgwenya uphinde wahilizisana nohulumeni ngokwehluleka kwakhe ukukhokha imali yerenti engu-R3 billion ekweletwa iminyango eyahlukene kwiNgonyama Trust.
Ngenyanga edlule iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ubize umhlangano eThekwini phakathi kukaNgwenya noMzimela mayelana nokudideka okudalwe amahlebezi okukhishwa kukaNgwenya.
Abaholi boMdabu baphinde bakhala ngokuthi abazange baziswe ngezinguquko ezenzekayo ekuqokweni kukaSihlalo webhodi leNgonyama Trust.
Esithombeni esigenhla: Usihlalo ophumayo webhodi leNgonyama Trust uJaji uJerome Ngwenya neNkosi esanda kuqokwa uThanduyise Mzimela.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe