Dylan Bettencourt
Akusadingeki ukuthi abantu bakuleli baqhubeke ngokugqoka izifonyo.
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla ukuvalile ukugqokwa kwesifonyo kanye nemithetho ebeka imikhawulo yenani labantu abavunyelwe ukuhlangana ndawonye kanye nokuhlolwa kwabagomile emingceleni yokungena kuleli.
Nakuba izifonyo bezingadingeki ukuthi zisetshenziswe uma abantu bezihambela ngaphandle, bezisadingeka ezindaweni ezingaphakathi.
Kodwa lokho akusekho njengoba abantu bakuleli sebengakwazi ukuhamba ngokukhululeka kunoma iyiphi indawo ngaphandle kokugqoka izifonyo.
Imithethonqubo yonke isusiwe, kubika iGazethi kaHulumeni.
NgoMsombuluko uPhaahla uphakamise ukuthi imikhawulo esele ye-Covid-19 isuswe njengoba ukubhebhetheka kwaleli gciwane kuphansi kuleli.
UPhaahla uthe iNingizimu Afrika isiphumile kwisivunguvungu sesihlanu futhi “akusadingeki ukuthi imithetho ibe khona njengamanje”.
Kodwa-ke iziphakamiso zakhe bekufanele zidingidwe kwi-President’s Coordinating Council (PCC) ngoLwesithathu.
Emhlanganweni nabammele izifundazwe zonke kube nesivumelwano esiphuma kuzo zonke izinhlangothi ukuze kuqedwe imikhawulo yokugcina.
Ngemuva komhlangano, kukhishwe isaziso ngeGazethi kaHulumeni, ebonisa ukuthi elakuleli alisenayo imithetho ye-Covid-19.
UPhaahla abambe isithangami sabezindaba izolo lapho ememezele khona lezi zinguquko.
Umthombo wesithombe: @JacarandaFM