Doreen Mokgolo
USonto Dube osolwa ngokubulala ufunde kabuhlungu ukuthi akuzona zonke izenzo ezinhle eziholela esiphethweni esijabulisayo.
Umsolwa oneminyaka engu-40 ubudala ubhekene necala lokubulala nokugwaza umfowabo uMfanampela Msiza.
UMsiza noDube bayizingane ezizalwa esithenjini. Bazalwa ubaba oyedwa, kodwa omama abahlukene.
UDube wase-Everest e-EKurhuleni uvalele umfowabo egunjini nowayeyintombi yakhe uGugu van Wyk ngemizamo yokubaphoqa ukuba balungise ukungezwani kwabo.
Lokhu kungemuva kokuthi uGugu eshise umjondolo wabo emasontweni amathathu adlule phakathi kwamabili waboshwa wabekwa icala lokushisa.
Udedelwe ngebheyili ngesonto eledlule ngoLwesibili.
UMsiza ubedinwe egane unwabu wenza incwadi yokuzivikela kowayeshade naye futhi ukholelwa ukuthi udadewabo ucheme noGugu.
Ngesikhathi ephuma endaweni yokucima ukoma yakule ndawo ephethe ummese, uDube noGugu nabo bebesendaweni yokucima ukoma bamlandelile okuyilapho okuqale khona impi.
Ngesikhathi kuliwa uDube ugwaze uMsiza ngommese washonela endaweni yesigameko.
Umama kaMfanampela ososizini uNomcibelo Zulu uthe ubecabanga ukuthi uGugu uzofunda isifundo futhi ayeke ukuhlukumeza indodana yakhe ikakhulukazi emphakathini.
“Sike sazama ukulamula, kodwa uye komthungatha emathaveni endawo. USonto bekumele azi kangcono kunokuthi abafake ekamelweni ngenkani.”
UZulu wengeze ngokuthi kubuhlungu ukuthi manje uselahlekelwe izingane zakhe zombili ngenxa yento ebingalungiswa ngokulamula.
“Umsusi wempi ukhululekile ukuba aphile impilo yakhe ekubeni indodakazi yami izochitha impilo yayo yonke ejele futhi indodana yami isishonile.”
“Ngemuva kwalesi sigameko uSonto utshele umndeni ukuthi ubezama ukuthusa umfowabo omncane. Ngisadidekile ukuthi laba ababili abadala bazikhiphe kanjani izikhali ezibulalayo.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Springs, uSayitsheni Themba Tshabalala ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala.
“Umsolwa uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yase-Springs ngamacala okubulala ngoLwesibili ekuseni wadedelwa ngebheyili.”
Osesithombeni esingenhla uNomcibelo Zulu
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo