Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Manchester United isiqedile isomiso seminyaka eyisithupha sokungatholi ndondo njengoba iqembu lika-Erik Ten Hag liwine i-Carabao Cup ngo 2-0 libhekene ne-Newcastle United e-Wembley ngeSonto.
Ngempelasonto ngesikhathi amaqembu okugcina e-Carabao Cup ngesizini edlule i-Liverpool ne-Chelsea ebedonsa kanzima – amehlo abesemaqenjini amabili i-Man United ne-Newcastle .
I-Newcastle United izithola isendaweni yesihlanu kwi-Premier League, iphonsela inselelo yangempela indawo ye-Uefa Champions League okokuqala ngqa eminyakeni engamashumi amabili.
Ngakolunye uhlangothi i-Manchester yehlulekile ukuwina isicoco se-Premier League ngempumelelo kusukela ngo-2012, kanti ngaphansi kukaTen Hag kulo nyaka, abanye bazothi akhona amathuba njengoba besahlezi endaweni yesithathu, ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwabazihola phambili.
NgeSonto kube ithuba lokuthi izinhlangothi zombili zithole indondo yesizini yokuqala ngaphambi kwezinyanga ezimbalwa zokugcina zeligi.
Esithombeni esingenhla: U-Erik Ten Hag kanye neManchester United baphakamisa indebe ye-Carabao
Umthombo wesithombe: @manutd