Kuphele iminyaka eyi-15 engalubhadi emsebenzini ebe ehola ophelele

Arthur Greene

Umsebenzi wasesibhedlela sase-Italy uphenywa ngamaphoyisa ngokungafiki emsebenzini iminyaka eyi-15 ekubeni ethola umholo wakhe ophelele.

Ngokusho kwamaphoyisa ase-Italy, ubehola izi-R9,212,000 ngaphandle kokufika emsebenzini kusukela ngowe-2005.

Lo mlisa oneminyaka engama-67 ubudala – oseqanjwe “njengenkosi yalabo abalovayo emsebenzini” ngabezindaba base-Italy – ubekwe icala lokusebenzisa kabi isikhundla, ukukhwabanisa nokuqola ngenkani.

Ngokusho kwe-Guardian, izimenenja eziyisithupha okukholakala ukuthi ziqhubeke nokumholela isikhathi eside ngaphandle kokubanjwa, nabo bayaphenywa.

Ngowe-2005, lo msebenzi wasabisa umqondisi wesibhedlela ukuba angawufaki umbiko wokuqondiswa kwezigwegwe ngokungezi kwakhe emsebenzini.

Selokhu umqondisi athatha umhlalaphansi, ukuba khona kwale ndoda akukaze kuhlolwe yilowo owangena esikhundleni sakhe.

Leli cala liyingxenye yophenyo olukhulu olwenziwa ngamaphoyisa, olubizwa ngegama elithi “Part Time”.

Kwelinye icala, amaphoyisa asebenzisa amakhamera okuqapha okuyimfihlo ukuqopha abasebenzi abangama-35 ehholo ledolobha lase-Sanremo abebekhohlisa uhlelo lokuphatha isikhathi iminyaka emibili.

Kwesinye isigameko, iphoyisa lomgwaqo elalisebenza ekhaya lathwetshulwa liyongena emsebenzini njengomuntu ozosebenza ligqoke nezingubo zangaphansi ngaphambi kokuba libuyele embhedeni walo liyolala.

Umthombo wesithombe: @CalabriaTweet

Izihloko zakamuva