Lubhalwe nguLungani Zungu
Inhlangano i-Delangokubona Business Forum isolwa ngokuvimba ukuvulwa kwesitolo sakwa-Pick n Pay eSiphingo, eningizimu yeTheku.
Le nhlangano isuse uthuthuva yaphazamisa amabhizinisi amaningi KwaZulu-Natal kanti kuthiwa ifuna amaphesenti athile nyanga zonke ukuze isitolo siqale ukusebenza.
Lokhu kushiye abebezoba ngabasebenzi balesi sitolo bengenamisebenzi.
Omunye wabo nguThembisile Mchunu waseFolweni eningizimu yeTheku.
“Ngiye ngajabula ngesikhathi ngithola ucingo cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule bengibikela ukuthi ngiqashiwe. Kodwa akwenzekanga lutho ngemuva kokuzwa ukuthi ukuvulwa kwesitolo kuvinjwe ngabathile,” etshela i-Scrolla. Afrika.
Lo mama wezingane ezimbili oseneminyaka engaphezu kweyisithupha efuna umsebenzi, uthe amathemba akhe okuba nempilo engcono ashabalele.
“Engikucelayo nje ukuthi abantu abenza lokhu bathole ezinye izindlela zokuxazulula noma yiziphi izinkinga abanazo ngaphandle kokuvala into ezosidalela amathuba omsebenzi.
Le nhlangano imise isigubhukane ukubonakala kwenkampani ezinze eThekwini, i-Suncoast Casino ngo-2017 ngemuva kokuthi amalungu ayo evalelwe ngaphandle kuleli bhizinisi elenza inzuzo yezigidi zamarandi.
Ngaleso sikhathi amalungu ale nhlangano angena ngenkani lapho okwakhiwa khona efuna ukuthi u-40% womsebenzi unikwe izinkampani zokwakha zabamnyama.
Uphiko lwezokuxhumana lakwa-Pick n Pay luthe lesi sitolo besizama ukuxazulula inkinga yokusebenza kwayo ngaphandle kokuphazamiseka.
Umholi womphakathi wendawo eSiphingo, uMnu Mike Naidoo uthe: “Kubuhlungu lokhu ngoba iningi labantu abahlukumezekayo yilabo abanhlwempu abebenethemba lokuthi lesi sitolo sizobavulela amathuba omsebenzi.
Okhulumela i-Delangokubona Business Forum, uMnu Thabani Mzulwini akatholakalanga ukuba aphawule.
Esithombeni esingenhla: UThembisile Mchunu ekhombisa i-email yakhe yokuqashwa evela kwa-Pick n Pay
Umthombo wesithombe: Lungani Zungu