Kuphele amahlathi okucasha ngamafemu aqasha abeSuthu abakuleli ngokungemthetho 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuphele amahlathi okucasha emafemini akwa-Sithebe e-Mandeni asolwa ngokuqasha abantu base-Lesotho abakuleli ngokungemthetho.

Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesihlanu amaphoyisa abophe omunye wabaqashi nabanye abasebenzi abakuleli ngokungemthetho abadabuka e-Lesotho.

Laba baboshwe ngemuva kokutheleka kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli kanye namaphoyisa kungazelele muntu.

UNtuli uthe abanye abaqashi bavale amafemu babaleka ngesikhathi kufika amaphoyisa. 

Omunye wabasebenzi uNksz Lihle Nxumalo udalule ukuthi amafemu akwa-Sithebe aqasha abantu bokufika kuleli abasuka e-Lesotho ukuze abaxhaphaze.

“Okwenzekayo ukuthi thina uma sifika emsebenzini sekudlule isikhathi sibuyiselwa emumva kodwa uma kuyilaba base-Lesotho abenziwa lutho. 

“Okunye laba base-Lesotho bafukuziswa ubusuku nemini ngoba kuyaziwa ukuthi amalungelo abo awavikelekile,” kusho uNksz Nxumalo. 

La mafemu akwa-Sithebe ahlale esolwa ngokungabaqashi abantu bendawo.

Ngakolunye uhlangothi uHulumeni waKwaZulu-Natal ufuna ukuwavuselela ukuze adale amathuba emisebenzi kubantu ababalelwa ku-50 000 esifundazweni.

Nasemafemini ase-Newcastle kuyakhalwa ngokuthi aqasha abantu base-Lesotho abakuleli ngokungemthetho.

Izihloko zakamuva