Kuphele amahlathi kutholana phezulu abalimi nababulala obhejane

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kubashele abahlasela obhejane ngoba befuna izimpondo zabo njengoba abalimi namaphoyisa bala ukhasha kulezi zinsuku.

Lokhu kulandela ukuthi kuboshwe omunye wabasolwa esigodini saseMagudu obanjwe emotweni nezimpondo zamazinyane obhejane ababili namanye amabili asebekhulile.

Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amaphoyisa ebambisene nabalimi nezinkampani zonogada ezizimele, betholane phezulu nabasolwa.

” Abasolwa bebekwesinye seziqiwi esidumile eZululand okuyilapho abalimaze khona obhejane bebakhipha izimpondo,,” kusho uNetshiunda.

Uthe ngenuva kokujahana ngenhlamvu nabasolwa, bakwazile ukuvimbanisa kweminye yemigwaqo nalapho begcine bebamba omunye wabasolwa obebaleka ngemoto ebomvu okuyi-Honda.

Uthi kule moto bathole izimpondo ezine zobhejane, izibhamu ezingekho emthethweni okubalwa nezokuzingela nezinhlamvu.

Okunye okutholakele kube izikhali ezicijile okubalwa imimese abasuka ngayo izimpondo nokunye okungamashizolo.

Uthe umsolwa uboshwe ngamacala okutholakala nezimpondo zobhejane kanye nezibhamu ezingekho emthethweni.

Izihloko zakamuva