Kuphela amaphupho ngodaba lomkhandlu i-Maluti-a-Phofung  

Lubhalwe nguTladi Moloi

Kungenzeka kube noshintsho  kuMasipala wendawo yase-Maluti-a-Phofung njengoba iMeya, uSomlomo noSotswebhu bonke bebhekene nesiphakamiso sokukhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi babo. 

IMeya suGilbert Mokotso  noSomlomo uParatlane Motloung, bobabili abavela kuhulumeni womfelandawonye we-Map 16 Civic Movement  noSotswebhu uMoeketsi Lebesa we-Dikwankwe bazokwazi ngekusasa labo ngemuva kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi babo okumele silalelwe namhlanje.

Lo mhlangano uzoba sehholo lase-Phuthaditjhaba Multipurpose ngehora leshumi.

UMasipala waseFree State onenkinga kulindeleke ukuthi uqhubeke nomhlangano womkhandlu owahlehliswa nguSomlomo mhla zinhlanu kuLwezi kulandela izinxushunxushu.

Ngaphambi kokuthi kuqale ukuhlala umhlangano uSomlomo umemezele ukuthi kukhona amaphoyisa azobopha amakhansela amathathu e-ANC asolwa ngokweba isitebhisi sikaMasipala.

Emuva kokuhlehliswa komhlangano amakhansela athi anethemba lokuthi uSomlomo uzophinde awubize. Kodwa akazange akwenze lokho kwaze kwaba bamthumelela incwadi efuna ukuthi umkhandlu uhlangane.

Amaqembu ezepolitiki kulo Masipala afana ne-DPSA, i-ANC, i-EFF, i-DA, i-African Content Movement, i-South African Royal Kingdom Organisation, i-African Independent Congress ne-African Transformation Movement abhalele uSomlomo incwadi emyalela ukuba abize umhlangano womkhandlu  ophuthumayo. 

UMnu Mandlenkosi Dlamini onguSotswebhu we-ANC kulo Masipala uthe bajoyine amanye amaqembu ukubhala incwadi ngoba befuna ukuthi isiphakamiso sethulwe ngaphambi kokuphela konyaka.

“USomlomo wahlehlisa umhlangano womkhandlu ekuqaleni kwale nyanga kanti bekumele abize umhlangano ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa okuyinto angayenzanga. Besiwazi amaqhinga akhe okubambezela ngoba ebona ukuthi zizomshubela. Akafuni ukuphuma esikhundleni.”

UMnu Alison Oates, oyikhansela le-DA uthe  iqembu linqume ukujoyina labo ababhale incwadi ngoba libona sengathi uSomlomo akawubeki phambili umhlangano futhi ziningi izinto okumele zidingidwe ezithinta umphakathi.

“Ngaphandle kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi babo sibe nezinto ezithile obekumele kuxoxwe ngazo ngaphambi kokuthi kudingidwe eyesabelo-mali. Kodwa kube ukuphatha kabi kukaSomlomo okwenze kubambezeleke umhlangano.”

UMotloung ukuqinisekisile kwa-Scrolla.Africa ukuthi ngempela useyitholile incwadi evela kumakhansela. Nokho uzichithile izinsolo zokuthi ubambezele ukuhlala  komhlangano ngenhloso ngoba engafuni ukuphuma esikhundleni.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi umhlangano uzohlala. Akulona iqiniso ukuthi bengibambezela isiphakamiso ngoba ngibalekela ukuthi sizokhishwa ezikhundleni.”

Isithombe esingenhla: IMeya yesigungu sikaMasipala wase-Maluti-a-Phofung uGilbert Mokotso

Izihloko zakamuva