Kuphazamise imvula emdlalweni wokuqala wama-Proteas ne-England

Razeen Gutta

Usuku lokuqala lo mdlalo we-test phakathi kwe-England nelakuleli enkundleni e-Lord lube umdlalo othokozisayo.

Ama-Proteas awine i-toss afaka abasingathi bo mdlalo kwi-bat kuqala okuyilapho aqale khona amaphupho. 

UKagiso Rabada uhole phambili wakhipha  u-Alex Lees noZak Crawley ngamaphuzu aphansi ngaphambi kokuthi uMarco Jansen angene avalele uJoe Root umlenze ngaphambili.

Amaphuzu angu-42/3 asheshe abe ngu-55/4 ngesikhathi umdlali oyingozi uJonny Bairstow ekhishwa ngu-Ainrich Nortje obejikijela ibhola futhi kube isiqalo sosuku oluhle kupacer.

UNortje uqhubekile nokuthola u-3/43 omangalisayo ngemuva kokukhipha ukaputeni uBen Stokes  nomshayi wewikhethi uBen Foakes.

Bashaye ama-over ayisithupha ngemuva kwekhefu kodwa umdlalo waphazamiseka sekuqala imvula. I-England ibiku-116/6 ngesikhathi u-Ollie Pope eshaya ama-runs angu-61 ku-87 engahluliwe okube ukuphela kwethemba labo.

I-England izoba nethemba lokuthi uPope uzohlala ebambelele kwi-bat.

Izihloko zakamuva