Lubhalwe Intatheli yoMbhele
Ikhomishini eyengamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commision iphasise ukuhlangana kwenkampani yokusakaza ezweni iMultiChoice edume ngeDStv nenkampani yaseFrance yokusakaza iGroupe Canal+ SAS, eyaziwa ngeCanal+.
Lezi zindaba zimenyezwe kuleli sonto emva kokuthi iCompetition Tribunal ivumile ukuthi ukusebenzisana kwalezi zinkampani ngeke kubenomphumela omubi kwezokusakaza eNingizimu Afrika.
Ukuphasa kohlelo lokuthi lezi zinkampani zisebenzisane kunemibandela ebalulekile ebekwe yiCompetition Commission ukuvikela izisebenzi, umphakathi nezinye izinhlaka ezithintekayo.
I-Canal+ idume ngokusakaza imidlalo yebhola nezinye izinhlelo zethelevishini emhlabeni jikelele.
Lolu daba luqale lwashicilelwa kuMbele, iziko lezindaba zamabhizinisi.
Esithombeni esingenhla:Nakuba sekugunyaziwe ukuhlangana kweMultiChoice neCanal+ kodwa ikhomishini eyengamele ukuncintisana okuhle ezweni iCompetition Commision ibeke imibandela ezovikela amakhasimende. Isithombe: Sithunyelwe
https://www.umbele.co.za/2025/07/24/kuphasisiwe-ukuhlangana-kwemultichoice-necanal/
