Kuphakanyiswe ukumiswa kwezikhali eSudan

Inkinga yase-Sudan iyaqhubeka nokudlondlobala njengoba izimpi zisaqhubeka kwezinye izingxenye zezwe naphezu kokumiswa kwezikhali amahora angu-72.

Ngokombiko we-BBC kube nokuqhuma kwezibhamu eduze kwezakhiwo zikamabonakude nezomsakazo e-Omdurman idolobha elihlangene nenkabiyedolobha i-Khartoum. Womabili amadolobha abhekene nenhlekelele enkulu, abantu badonsa kanzima ukuthola izinto ezibalulekile okuhlanganisa ukudla, amanzi ahlanzekile nemali.

Inhlangano yesifunda sase-Afrika, i-Intergovernmental Authority on Development (Igad) iphakamise ukuthi kumiswe izikhali zokulwa, okubikwa ukuthi isikhulu samasosha e-Sudan uJenene Abdel Fattah al-Burhan ukuvumile lokho.

Ukumiswa kwezikhali zokulwa kuzohlala amahora angu-72 futhi kulesi siphakamiso kuzothunyelwa izithunywa ezivela embuthweni wase-Sudan kanye ne-Rapid Support Forces e-Juba, eningizimu ye-Sudan ukuze kuxoxwe ngemininingwane.

Kodwa-ke, kusalokhu kunokungabaza mayelana nokwehla kwezingxabano ngemuva kokuqhuma kwezibhamu.

Ngabe iqale kanjani impi?

Ukungqubuzana phakathi kwamasosha ase-Sudan kanye nebutho elikhulu lezwe kwaqubuka cishe ngomhlaka-15 kuMbasa. 

Amasosha aholwa umholi wezwe, uJenene al-Burhan. Bese kuthi owayeyinduna yempi obizwa ngoJenene Mohamed Hamdan Dagalo aphinde abizwe ngoHemedti uhola amasosha aphikisayo, aziwa ngokuthi i-Rapid Support Forces (RSF).

Impi isuka kude eminyakeni eyandulela u-2019 ngesikhathi owayengundlovukayiphikiswa wezwe, u-Omar al-Bashir ekhishwa embusweni ngenxa yokuvukela kombuso. I-Al-Bashir yakha lezi zinhlangano zamasosha ngamabomu futhi babazi ukuthi azojikelana ngelinye lamalanga.

Selokhu kuqubuke impi, sekubulawe abantu abangu-459 futhi iyanda ingozi yokuphangwa kanye nezinxushunxushu ezindlini nezakhiwo ezingenamuntu ezinamaqembu ezigebengu antshontsha izimoto.

Zombili izinhlangothi zithi ziyakwazi ukulawula izindawo ezibalulekile njengezikhumulo zezindiza nekomkhulu lamasosha, alukho uhlangothi olucacile oluvela njengamandla amakhulu. Isimo sisashubile njengoba bekusaqhubeka ukuqhuma kwezibhamu ngoLwesithathu.

Isikebhe esithutha abantu abangaphezu kuka-1,600 bezizwe ezahlukahlukene sesifikile e-Saudi Arabia, kanti i-Germany ne-France zithi zonke izakhamuzi zazo sezilishiyile izwe.

I-UK ikhiphe abantu base-Britain abangu-536 e-Sudan ngezindiza eziyisithupha, kanti i-Nigeria isiqalile ukukhipha abafundi base-Nigeria ababevalelekile; abangu-5,000 ezweni.

Kubikwa ukuthi inkinga yase-Sudan iphinde yabona owayengusopolitiki wase-Sudan u-Ahmed Haroun kanye nabanye ababeyizikhulu bekhululwa ejele, nokwenze kwaba nokukhathazeka ngeqhaza labo ezenzweni ezimbi ezenzeka esifundeni esisentshonalanga ye-Sudan, i-Darfur.

Bobabili uHaroun kanye nowayenguMengameli wase-Sudan, u-Omar al-Bashir abebedonsa izigwebo ejele lase-Kober babhekene namacala abekwa iNkantolo Yamazwe.

UHaroun ukuqinisekisile esitatimendeni esisakazwe ku-Tayba TV yase-Sudan ukuthi yena nabanye abalandeli baka-Bashir baphumile ejele, kodwa wathi uzobe ekulungele ukuvela phambi kwamajaji uma isimo sesibuyele kwesejwayelekile.

Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla

Isithombe esingenhla: Udlame lwase-Sudan

Umthombo wesithombe: UNICEF

Izihloko zakamuva