Kuphahlazeke indiza ebithwele izikhali zamasosha

Dylan Bettencourt

Indiza yase-Ukraine ebithwele izikhali zamasosha ilibangise e-Bangladesh iphahlazeke e-Greece ngoMgqibelo ebusuku kwashona bonke abantu abayisishiyagalombili abebephakathi.

Abezicishamlilo abakade besendaweni yesigameko bakhale ngentuthu obekunzima ukumelana nayo ebibathwalisa kenzima kakhulu ngokusho kongoti bezempilo.

Ithimba lamasosha litshele izintatheli ngeSonto ekuseni ukuthi abezicishamlilo bakhale ngentuthu ebinamandla ebibagulisa ebibonakala igcwele yonke indawo.

“Asazi ukuthi yini lena ebisiphazamisa futhi isigulisa,” kusho okhulumela abezicishamlilo uMarios Apostolidis.

Indiza ibisuka e-Serbia ilibangise e-Bangladesh ngesikhathi ihlangabezana nezinkinga e-Greece.

Imibiko ikhombisa ukuthi indiza ilahlekelwe isignali ngemuva kokuthi umshayeli wendiza ecele ukuyihlalisa e-Greece ngokukhulu ukushesha ngenxa yenkinga yenjini ngokusho kwe-ERT.

Izithombe zendiza zibonise izithombe ze-Antonov An-12 ephahlazekile endaweni enkulu.

Iziphathimandla zase-Greece ziveze ukuthi kunabasebenzi abayisishiyagalombili base-Ukraine ababegibele kanye nobekhulumela uMnyango Wezangaphandle wezwe.

UNgqongqoshe Wezokuvikela e-Serbia uNebojsa Stefanovic ukuqinisekisile ukuthi awekho amalungu asindile kule ngozi.

UNgqongqoshe Wezokuvikela uthe indiza ibinamathani angu-11.5 emikhiqizo ekhiqizwe imboni yayo yezokuvikela kanti umthengi uqhamuka eMnyangweni Wezokuvikela wase-Bangladesh.

Iziphathimandla zase-Greece azikwazanga ukuqinisekisa ukuthi iyiphi impahla ebikhona phakathi, kodwa zithumele uphiko olubhekelela izinhlekelele ukuyophenya ngalesi sigameko.

UStefanovic uthe impahla ibihlanganisa i-illuminating mortar shells kanye nama-shells okuziqeqesha. 

Imibiko yokuqala iveze ukuthi indiza ibisendleleni eya e-Jordan, kodwa i-Civil Aviation Regulatory Commission ikuphikile lokho. 

Izakhamuzi ezisendaweni eseduze nale ngozi zinxuswe ukuthi zivale amawindi nezicabha ukuze kungangeni intuthu eyingozi nothuli ezindlini zazo.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva