Kunzima kwabombhoxo ukudlala endaweni ebucayi

Ukubuka amaqembu akuleli edlala ibhola lombhoxo ebusika kwi-northern hemisphere kufana nokubuka abadlali bebhola lombhoxo benqunu begodola emanzini aneqhwa, kubhala uLucky Maree.

Encwadini yakhe ethi, The Right Place at the Wrong Time, uCorné Krige uchaza isipiliyoni esilulazayo se-Kamp Staaldraad.

Kulabo asebekhohliwe noma abakhethe ukukhohlwa umqeqeshi wamaBhokobhoko ongaphumelelanga uRudolf Straeuli wahlela ngo-2003 ukuthi iqembu lamaBhokobhoko liye ekhempini yamaphoyisa ehlathini lakuleli.

Umbono wawuthi kumele basebenzisane babe iqembu elilodwa. Umphumela  waba ngesinye sezigameko esiyihlazo emlandweni webhola lombhoxo wakuleli.

Okwenzeka kwaputshuka izithombe ekhempini ezazikhombisa abadlali bamaBhokobhoko benqunu entabeni eneqhwa bephethe amabhola kuvele nezitho zabo zangasese.

Leyo kwakuyi-Kamp Staaldraad. Kule mpelasonto sibe ne-Kamp Munster, i-Kamp Connacht ne-Kamp Glasgow.

Kube buhlungu ukubuka abadlali be-Lions bedlala ibhola lombhoxo bebhekene ne-Munster emoyeni obuhambisana namakhaza, imvula kanye neqhwa ebelehlela ebusweni nasemzimbeni wabo. Mhlawumbe ilokho okubenze bahlulwa ngo-33-3!

Ama-Sharks kudingeke ukuthi abhekane ne-Kamp Connacht, lapho obekukhona namazinga okubanda abenyuke kakhulu. Umoya ubunamandla kakhulu uma ekhahlela ibhola beliphephulwa umoya ligcine ekhoneni lamafulegi.

Umqeqeshi wama-Sharks, uNeil Powell uzame konke okusemandleni ukusindisa iqembu lakhe emdlalweni wangesonto elizayo ne-Bordeaux-Beg ku-Heineken Champions Cup. Esikhundleni sabo uthumele ithimba lentsha elisafufusa ukuthi liyodlala ne-Connacht okungelinye lamaqembu anzima kakhulu ebholeni lomboxo wamazwe ngamazwe. Abadlali abasebancane bama-Sharks bachithe amahora angu-31 besendleleni kanti bakwazile ukuthola isikhathi sokuzilungiselela ngaphambi komdlalo. Futhi iningi labo belingakaze lidlale ndawonye.

Ama-Sharks ahlulwe ngamaphuzu angu-12 kuphela aphinde akwazi ukushaya ama-try amabili.

Ama-Bulls asendaweni yesithathu emiqhudelwaneni we-URC ngemuva kokushaya ama-Dragons asendaweni yesithathu ukusuka phansi ngo-29-14. Ukube bekungeyona imibandela ama-Bulls ngabe ashaye amaphuzu angu-30.

Ama-Stormers okuyiqembu elingase liphendule amatafula kule mpelasonto ehlele ku-Glasgow Warriors. Isimo sezulu sase-Glasgow esibekezeleleke kancane ntambama siphenduke saba sibi njengoba ilanga bese lishona futhi amazinga okushisa ehla kakhulu. Emizuzwini engu-20 yokugcina imvula ivele yaqala ngamandla ngesikhathi sekufanele ukuthi ama-Stormers ashaye i-try ngeshwa ahlulwe ngamaphuzu ayisikhombisa.

Umdlalo webhola lomboxo unzima kakhulu udlalwa abesilisa abanamandla lokhu kuyaziwa, kodwa abawona amarobhothi ensimbi.

I-Scotland iqhele ngamakhilomitha angu-400 eningizimu ye-Arctic circle. Noma ngabe ngubani onqume ukuthi amaqembu aqhamuka e-Afrika adlale namaqembu ase-Scotland phakathi nobusika base-Europe ukhombisa ukungabacabangeli abadlali noma ukhombisa ukuthanda imali ngaphezu komdlalo uqobo.

I-Super Rugby njengoba sonke sikhumbula igcine ihlulekile. Indawo nesikhathi izona izinto ezisoliwe futhi ezibe neqhaza, kodwa iqiniso lithi abadlali bebhola lombhoxo abanalo uhlobo lwemizimba engakwazi ukuhlala esihlalweni sendiza amahora angu-14, angu-20 noma angu-30 ngesikhathi. Okokuqala bakhulu kakhulu ngokomzimba futhi okwesibili  abakwazi ukuhamba isikhathi eside ngaphandle kokuzivocavoca.

Kufanele  kucatshangwe kabusha nge-URC. Akukhona nje ukuthi imiqhudelwano efana ne-URC inamandla okubulala umdlandla wabadlali, kodwa abadlali abasebancane bayashesha ukuphelelwa umndlandla wokudlala.

I-Munster Rugby ithole amaphuzu angu-33 i-Emirates Lions yathola amathathu. 

Ama-Dragons RFC athole amaphuzu angu-14 kanti i-Vodacom Bulls ithole angu-29.

I-Connacht ithole angu-24 i-Cell C Sharks yathola amaphuzu angu-12.

I-Glasgow Warriors ithole amaphuzu angu-24 ama-Stormers athola angu-17

Isithombe esingenhla: UManie Libbok, njengabanye abadlali be-Stormers ubenomdlalo ongemuhle

Umthombo wesithombe: Gallo Images

Izihloko zakamuva