Lubhalwe nguLungani Zungu
Njengoba sekusele inyanga eyodwa ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ezoqala mhlaka-19 kuya ku-20 kuZibandlela, kubukeka kungeke kubahambele kahle abesifazane abanethemba lokuthola esobumengameli.
Imikhankaso kaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma kanye noLindiwe Sisulu ayinalo isasasa.
UDkt Dlamini-Zuma kanye noSisulu bangamalungu aphezulu e-National Executive Committee (NEC), nebhodi le-ANC eliphezulu kakhulu elithatha zinqumo phathathi kwezingqungquthela.
Njengoba imikhankaso yabo ishaya ngonyawo lonwabu, owayenguNgqongqoshe wezempilo uDr Zweli Mkhize kanye noMengameli uCyril Ramaphosa osengenela okwesibili – imikhankaso yabo ibukeka inyuka ngamandla.
URamaphosa useqokwe izifundazwe ezintathu okubalwa i-Eastern Cape, i-Gauteng kanye neMpumalanga kanti uMkhize yena usavunywe isifundazwe sakhe iKZN ake asiphatha kusukela ngo-2009 kuze kube u-2013.
KwaZulu-Natal bakhethe umgcinimafa uPaul Mashatile ukuthi abe iphini likamengameli, okunguye ophethe ehhovisi likanobhala, okuyihhovisi eliphethe inhlangano okumenza abe ngusondonzima kwi- ANC okwamanje.
Ngemuva kokumiswa kuka-Ace Magashule ngoNhlaba ngonyaka odlule, wangena njengebamba esikhundleni.
I-ANC selokhu yasungulwa eminyakeni engu-110 eyedlule, izigqaja ngokuthi “ayibukhethi ubulili”, kodwa ayikaze iholwe ngumuntu wesifazane.
Kodwa-ke, uDkt Dlamini-Zuma kwasala kancane ukuthi aqophe umlando ngo2017 ngesikhathi behlukaniswe amavoti awu-179 beno Ramaphosa, owaluwina ukhetho.
UDlamini-Zuma usehlukile ukuzama ukuqokwa i-KZN, okuyiyona enabantu abaningi.
Ngemuva kokuthi aqokwe yi-ANC youth league’s national task team njengomuntu ongakwazi ukulungisa inhlangano ye ANC, uMkhize wagqugquzeleka lapho ukuthi angenele ukhetho lobumengameli.
Emavotini ayengu-40, uMkhize wathola angu-19, uRamaphosa wathola angu-17, uDkt Dlamini-Zuma wazitholela amane kuphela.
Okwengeza kulolu khetho olushubile ukuthi noma ubani ozowina abe nguMengameli we ANC, kuzobe sekusele kancane ukuthi abe nguMengameli wezwe uma ngabe inhlangano iwina ukhetho lwango-2024.
Amanye amalungu e-ANC athi kungenzeka ukuthi uDkt Dlamini-Zuma ahlangane noSisulu bakhe uzungu lokuthi uSisulu abe yisekela likaDlamini-Zuma.
Ngomhlaka-8 kulenyanga usuku lokugcina lokuthi amagatsha ahambise uhlu lwamagama abantu ababaqokile abazothatha lezi zikhundla eziyisithupha.
Kubukeka sengathi kuyodingeka umlingo othize ukuze abantu besifazane bangene ohlwini lwabakhethelwe ubumengameli uma ngabe izinto zisenje.
Osesithombeni esingenhla: UNkosazana Dlamini-Zuma kanye noLindiwe Sisulu
Umthombo:@DlaminiZuma