
Razeen Gutta
Impilo ayizange ihambe ngendlela elula njengoba abaningi bebelindele lokho kuCristiano Ronaldo kusukela ebuyele e-Old Trafford ekuqaleni kwesizini.
Lo mdlali osewine i-Ballon d’Or amahlandla amahlanu wehlulekile ukushaya amagoli emdlalweni wesihlanu kulandelana ngemuva kokungena enkundleni bebhekene ne-Burnley ngoLwesibili ebusuku. Ksukela mgo-2010 kuyaqala ukuthi lo mdlali adlale isikhathi eside kangaka ngaphandle kokushayela iqembu igoli.
Njengamanje uRonaldo ubhekene nezinkinga ezingaphezu kwesomiso samagoli abhekene naso.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala ubengekho emidlalweni yakamuva kanti ubonakale ephuma enkundleni ngesikhathi sokuphela komdlalo. Yize iqembu lingawatholanga womathathu amaphuzu, lokhu akuyona into abalandeli be-United abayihambele futhi abebefisa ukuyibona kulo mdlali wabo abamthanda kangaka.
Amahemuhemu athi iqembu elincane labadlali lizizwa lisathukile ngowayengumdlali we-Real Madrid, njengoba abanye bethi akangeneki.
Indlela izinto ezizimbi ngakhona kunamahlebezi okuthi abalandeli bacabanga ukufulathela leli qembu.
Umphumela wokudlala ngokulingana ngo-1-1 ne-Turf Moor ukhiphe ama-Red Devils kwi-Premier League ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ephumile kwi-FA Cup.
Yize eseku-Champions League, uRonaldo ngeke aneliseke ngokwenziwe iqembu selokhu ebuyile, kanti washo okufanayo ezinkundleni zokuxhumana enyakeni omusha.
“Angijabule ngesikuzuzayo kwi-Man United. Akekho kithi ojabule. Siyazi ukuthi kufanele sisebenze kanzima, sidlale kangcono futhi silethe ngaphezu kwalokho esikunikezwayo njengamanje, ” lokhu ukusho ebhalele abalandeli bakhe ku-Instagram abangu-401 million.
I-Manchester United izokwamukela i-Southampton ngomgqibelo bese kulandele umdlalo wabo ne-Brighton ne-Leeds ngaphambi kohambo olubalulekile lwe-Champions League oluya e-Atletico Madrid.
Umthombo wesithombe: @TheSun