Kunzima emndenini wephoyisa elibulewe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umndeni wephoyisa elibulewe uMosekiemang Moalusi obeyiphoyisa elikhipha izincwadi ezigunyaza ukubopha koKlebe, uthole ngokushona kwakhe ngemuva kokubona isithombe sesidumbu sakhe ezinkundleni zokuxhumana— hhayi ngemithombo esemthethweni.

UMoalusi udutshulwe wabulawa eDuduza, Ekurhuleni ngoLwesithathu.

Amaphoyisa athe washiya imoto yakhe lapho okuwashwa khona izimoto wahamba waya kubangani bakhe ababeye kwikhonsathi yomculo we-Jazz eyayiseduzane.

Isikhathi abuya ngaso kwakuyihora lesishiyagalombili ebusuku, kanti umsolwa uqoshwe i-CCTV enyonyoba eya emotweni yaleli phoyisa wafika walidubula amahlandla amaningi.

UMoalusi ukwazile ukuxhuga aze afike emzini owawuseduze okuyilapho afike atshela khona umndeni wakhona ukuthi udutshuliwe ngaphambi kokuthi ashone.

Umndeni wakhe uthi utshelwe ukuthi umsolwa ubaleke endaweni yesigameko nemoto kaMoalusi, umakhalekhukhwini kanye nesibhamu somsebenzi.

Imoto yakhe itholakale isishiywe yodwa.

Umfelokazi kamufi uKenalemang Moalusi, uthe uthole ucingo oluvela kubhuti wakhe emazisa ngokubulawa komyeni wakhe kabuhlungu. Ubesezibonile lezi zindaba zisabalele ezinkundleni zokuxhumana zamaphoyisa e-EMPD.

“Namanje angikakholwa ukuthi amaphoyisa awakwazanga ukulinda kuze kwaziswe umndeni ngoba bayayazi inqubomgomo,” esho.

“Angazi kungani bebone kungcono ukuthi kube ibona abakhipha lezi zindaba umndeni ungakaziswa.”

Uthe yena kanye nezingane basahlukumezekile ngemuva kokubona isidumbu sikaMoalusi ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokuba umlingani wakhe athole ithuba lokubazisa bewumndeni.

“Besingekho kude nendawo  yesigameko,” esho. “Bebengathumela umuntu ozosazisa nathi sizilungiselele ngaphambi kokuthi indaba isabalale.”

Umndeni uze waziswa ngemuva kwamahora amahlanu, ngemuva kokuthi umndeni ufonele omunye wabalingani bakaMoalusi ubuza ngelesi sigameko.

Okhulumela oKlebe uKaputeni uLloyd Ramovha, uthe bezenziwe izinhelo zokuthi kwaziswe umndeni kaMoalusi ngesigameko.

“Ngebhadi angeke sikwazi ukulawula izinto ezenzeka ezinkundleni zokuxhumana,” esho. “Kuyishwa ukuthi umndeni uthole ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sigameko.”

UMoalusi (59) kade esesalelwe unyaka owodwa ukuthi athathe umhlalaphansi. Usebenze njengephoyisa iminyaka engu-42.

Ungcwatshwe ngoMgqibelo, inkonzo yomngcwabo ibibanjelwe kwakhe e-Dunottar, e-Springs.

URamovha uthe akukaboshwa muntu kanti uphenyo lusaqhubeka.

Amaphoyisa acela ukuthi kuvele noma ubani ongaba nolwazi ngomsolwa kanye nokuthi angatholakala kuphi.

Osesithombeni esingenhla: UMosekiemang Moalusi obulewe

Izihloko zakamuva