Lubhalwe nguMlungisi Gumede
Ngesikhathi emi edepho yamaloli e-Catoridge ngaphandle kweTheku ngeSonto, uSimon Mathebula uzwe efikelwaumunyu uma ecabanga ngezingozi eziningi ezenzeka ngempelasonto yePhasika emigwaqeni yaKwaZulu-Natal.
Lo mshayeli wamaloli ahamba amabanga amade usenxuse ozakwabo ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo kulezi zinsuku ezizayo.
Izimpelasonto zephasika zidume ngesibalo esiphezulu sezingozi zomgwaqo ezidlula nemiphefumulo emningi ezweni lonke.
I-KZN yaziwa njengezinye zezindawo okwenzeka kuzo izingozi ngempelasonto yephasika kwazise lesi sifundazwe sibuye sihanjelwe abantu abaningi abaqhamuka kwezinye izifundazwe.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uMathebula uthe izingozi zomgwaqo zingancipha uma nje abashayeli bengagxilaekuhlonipheni imithetho yemigwaqo.
“Thina njengabashayeli kumele siqaphele imithetho yomgwaqo ukuze sigweme izingozi ngoba izingozi eziningi zidalwa ukushayela budedengu,” kusho uMathebula.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube usethathe izinyathelo zokutshala inqwaba yezimoto zakwa-Road Traffic Inspectorate waphinde wafaka namakhamera emgwaqeni onguthelawayeka e-Peter Brown ngase-Hilton, odume ngezinga eliphezulu lezingozi zamaloli.
Isifundazwe siphinde saba nomkhuleko wangaphambi kwephasika eNgcedomhlophe.
Nokho uMzwandile Zondi we-KwaZulu-Natal Ubumbano Driving Schools Operators Association ukhwele wadilika kuNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnu Sipho Hlomuka ngokubeka eceleni usoseshini wabo ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwezokuphepha.
“Kuyasikhathaza ukuthi abukho ubudlelwano obuhle phakathi kwethu noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni okhona njengamanje,” kusho uZondi.
Uthe bazwile ukuthi uhulumeni wesifundazwe wethula uhlelo lokuphepha lwephasika ngeSonto, kodwa abazange bamenywe.
“Uhulumeni wesifundazwe uyasidinga ekulweni nezingozi zomgwaqo ngoba yithina esiqeqesha abashayeli futhi ngeke bayinqobe le mpi ngaphandle kwethu,” kusho uZondi.
Isithombe esingenhla: UNgqongqoshe Wezokuthutha e-KZN uSipho Hlomuka kanye noNdunankulu wesifundazwe uNomusa Dube-Ncube ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokuvikeleka kwephasika eNgcedomhlophe ngaphansi koMasipala uMsunduzi
Umthombo wesithombe: UZandile Shange/ihhovisi likaNdunankulu wase-KZN