Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Isivimbamgwaqo esinesihluku esidonse amahora amahlanu eGoli ngoLwesibili sisho ukuqala kwemizamo kahulumeni yokunqanda izingozi ezenzeka emgaqweni ngePhasika.
Njengoba kwethulwa uhlelo lwempelasonto ephephile yePhasika ezweni lonke, uMasipala waseGoli awusalanga ngemuva.
IMeya uThapelo Amad kanye noNgqongqoshe wezokuphepha komphakathi uMgcini Tshwaku bethule umkhankaso wabo wempelasonto yePhasika ephephile e-Sandton ngoLwesibili.
Ukuvinjwa kwezimoto emgwaqeni ophithizelayo u-R55 ohlanganisa i-Alexandra, i-Sandton, i-Tembisa, i-Diepsloot namaphethelo kube nomphumela omuhle, ngokusho kukaTshwaku.
UTshwaku uthe inqwaba yezimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni zikhishiwe emigwaqeni yomphakathi kwaboshwa nabashayeli abangalandeli imithetho ebekiwe yomgwaqo.
Ngesikhathi kuvinjwa umgwaqo umshayeli wetekisi weSiyaya, obehamba ngetekisi engekho esimweni sokuba semgwaqeni uboshwe izikhulu. Lo mshayeli ubengenazo izincwadi zokushayela futhi engenawo namaphepha etekisi.
Itekisi ibingenawo amabhuleki, amawindi abengavuleki futhi amanye engavaleki kanti itekisi ibiphethe abagibeli abangu-18 okuyisibalo esiphezulu futhi esingavumelekile njengoba itekisi kumele ithwale abantu abangu-15.
Bonke abagibeli abangu-18 basale dengwane balinda isikhathi esingaphezu kwehora enye itekisi egcine ingafikanga.
Ekugcineni kudingeke ukuthi basebenzise itekisi yamaphoyisa kaMasipala ukuze baqhubeke nohambo lwabo ngoba itekisi abebehamba ngayo ibisiboshiwe.
UTshwaku uthe bakhethe ukuthi kube nesivimbamgwaqo kule ndawo ngoba umgwaqo uhlanganisa zonke izifunda zedolobha futhi kuhlale kunesiminyaminya.
Uthe idolobha linemikhankaso eminingi ehlanganisa ukusesha nokushaqa impahla engalungile, ukunqanda nokulwa nobugebengu, kanye nokuqiniswa kwemithetho kaMasipala. “Sinxusa abashayeli ukuthi bakhokhe izinhlawulo zomgwaqo futhi bahambisane nemithetho kaMasipala.”
Le ndawo akusiyona kuphela eyenza lo mkhankaso kuleli.
UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala wase-Tshwane wethula imisebenzi yawo ngesikhathi sePhasika ngoLwesithathu e-N1 Carousel Plaza.
Okhulumela le nhlangano uSuperintendent Isaac Mahamba uthe inhloso yalo mkhankaso ukwehlisa izingozi nokushona kwabantu emigwaqeni nokuphinde babophe labo abangalandeli imithetho yomgwaqo e-Tshwane ngesikhathi sePhasika.
Uthe amathimba azoqapha izimoto okumele zihambe emgwaqeni, umthetho wejubane, ukushayela uphuzile, nezinye iziphambeko zokushayela.
Lo mkhankaso uzoba khona nakwezinye izifundazwe, ikakhulukazi e-Limpopo nakwa-KwaZulu-Natal, njengoba abantu abaningi bezohambela lezi zindawo ngamaholidi kanye nasembuthanweni omkhulu wePhasika kuleli.
Esithombeni esingenhla: IMeya uThapelo Amad kanye noNgqonqgoshe wezokuphepha komphakathi uMgcini Tshwaku bethule umkhankaso wabo wephasika eliphephile e-Sandton ngoLwesibili.
Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga