Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ohola impesheni uThokozile Mkhatshwa ushone efuna ukuthi umndeni wakhe uvulele abahlengikazi icala lobugebengu esibhedlela i-Pholosong, e-Tsakane e-East Rand.
Kusolakala ukuthi lesi saguga (75) sishaywe abahlengikazi basilimaza emathangeni futhi kubukeka sengathi amanxeba okusha.
UThokozile wangeniswa esibhedlela mhla zizine kuZibandlela ngemuva kokukhala ngokuthi uphelelwa amandla kodwa wayesakwazi ukuhamba ngaphandle kosizo.
Impilo yakhe yaba bucayi ezinsukwini ezimbalwa kanti odokotela batshela umndeni ukuthi uhlaselwe isifo sohlangothi nezinso. Ushone ngemuva kwesonto ededelwe esibhedlela mhla ziyisithupha kuMasingana.
Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umzukulu kaThokozile, uPrecious Madlala uthe ugogo wakhe wakhishwa esibhedlela egqoke amanabukeni abantu abadala futhi wayengasakwazi nokuhamba.
UPrecious uthe ngosuku uThokozile akhishwa ngalo esibhedlela ezinye zeziguli ewodini lakhe zathi “sezikhululekile” ngokuthi uyaphuma esibhedlela “njengoba ebehlezi eshaywa abahlengikazi”.
“Ngesikhathi sifika ekhaya umama umshintshe inabukeni kanti isingemuva sakhe besigcwele amanxeba okusha nemihuzuko egcwele amathanga akhe.”
Echiphiza izinyembezi, uThokozile utshele umndeni wakhe ukuthi uncamela ukufa kunokuthi abuyele esibhedlela.
Umndeni uye wakhononda esibhedlela kanti umhlengikazi ophethe uye wacela ukuthi lona ohola impesheni eze ukuze azokhomba izigilamkhuba kodwa ubehlukumezeke kakhulu ukuthi angaphindela esibhedlela.
“Loyo mhlengikazi uye wakuqinisekisa ukuthi ngokuvamile bathola izikhalazo zokushaywa kweziguli okwenziwa ngabahlengikazi abasebenza ebusuku,” kusho uPrecious.
Emhlanganweni nabaphathi besibhedlela, umndeni utshelwe ukuthi ukulimala kukaThokozile kudalwe isifo sohlangothi.
“Esikufunayo nje ukuthi labo abathintekayo baziphendulele ukuze banikeze ugogo wami isifiso sakhe sangaphambi kokuya kobandayo,” kusho uPrecious.
UDkt Nthabiseng Magano oyisikhulu esiphezulu esibambile esibhedlela i-Pholosong ukuqinisekisile ukuthi uphenyo lusaqhubeka wathi umndeni uzonikezwa umbiko uma sekuphothulwe uphenyo.
“Abahlengikazi baphekwa ngemibuzo, kuthathwa izitatimende zeziguli futhi inhlolokhono yenziwe nelungu lomndeni ebelingumnakekeli oyinhloko wesiguli,” kusho uMagano.
Esithombeni esingenhla: Ongasekho uThokozile Mkhatshwa owayehola impesheni.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe