Kunuka santungantungwana ngomunwe ontshontshiwe

Indoda yase-Zimbabwe ibulale owayeyinkosikazi wayo yaqeda lapho yabaleka nomunwe wakhe.

Indaba yaseBulawayo ibike ukuthi le ndoda yashaya owayeyinkosikazi yayo ngensimbi ebuthuntu ngaphambi kokuthi imunqume umunwe wesandla sokudla waqeda wanyamalala nawo.

Amaphoyisa eNyakatho yeMatebeland akhiphe ithimba elizofuna uDeny Mumpande oneminyaka engama-38.

Lokhu kubulala kwenzeke ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuthi uMumpande alandele uNolia Mudimba oneminyaka engama-33 ngemuva kokuthi ayokha amanzi emfuleni oseduzane.

Laba ababili besebahlukana kanti uNolia wamshiya wabuyela ukuyohlala nabazali bakhe.

Umhloli omkhulu uSiphiwe Makonese uyewakhuluma nalezi zithandani ukuthi zingaxazululi izinkinga ngodlame kodwa zifune umuntu onguchwepheshe ongazisiza uma zibhekene nezinkinga othandweni lwazo.