Zukile Majova
Ushintsho olusha oluthenjiswe nguMengameli uCyril Ramaphosa kubukeka sengathi selufikile e-Eastern Pondoland, okuyikhaya lensangu e-Eastern Cape.
NgoMsombuluko iMeya yaseNtabankulu uTsileng Sobuthongo uhambise uhulumeni nabezindaba ezindaweni ezicashile nasezingadini eziyimfihlo zensangu esigodini sase-Madwaba.
Sezadlula kudala izinsuku lapho abakhiqizi bensangu kulezi zindawo besaba izimoto zamaphoyisa.
I-World Health Organization ibeka iNingizimu Afrika emazweni amathathu ahamba phambili ekukhiqizeni insangu engekho emthethweni, efinyelela kumathani angaphezu kwangu-2,500.
Esimemezelweni esisodwa nje, uRamaphosa udale isiphithiphithi kulezi zindawo ngokuletha ithemba emiphakathini entula kakhulu nokuthi ukudaleka kwamathuba emisebenzi kuzokwenzeka.
“Imboni yensangu inamandla okudala amathuba emisebenzi emisha engaphezu kwengu-130,000,” kusho uRamaphosa etshela isizwe enkulumweni yakhe yesizwe ngeledlule.
“Ngakho-ke senza izinqubo ezingcono zokulawula ukuze lo mkhakha uthuthuke njengakwamanye amazwe afana ne-Lesotho”.
Sekuyiminyaka engamakhulu abantu bendawo yase-Emaxesibeni, KwaBhaca, e-Mbizana naseNtabankulu betshala futhi bomisa insangu ngendlela ehlelekile.
Ezigodini eziningi, amasimu ensangu atholakala ekujuleni kwamahlathi emvelo nakwizigodi okungafinyeleleka kuzo ngokusebenzisa izimbongolo kuphela.
Abantu bathathwa njengabaphakathi kwabakhiqizi abanekhono kakhulu futhi-ke banamathuba amaningi okuthola umsebenzi osemthethweni ekuthuthukisweni kwezimboni zensangu.
IMeya uSobuthongo uthe umasipala usuzibophezele ngokuhlela abakhiqizi basezindaweni zasemakhaya ukuze babasize ukuthola amalayisensi okukhiqiza insangu ngokusemthethweni.
“Inhloso yethu ukuthi singahambisi insangu engakalungi kwezinye izindawo. Sifuna isimo lapho ukucutshungulwa okuzokwenziwe kalula kulezi zigodi ukuze kuthuthukiswe umnotho wendawo. Sifuna ukuheha abatshali bensangu edolobheni lethu ngokusebenzisana nabanye abakhiqizi futhi sinxuse nalabo abanamandla ezimali ukuthi bazotshala imali eNtabankulu,” esho.
Ngesonto eledlule idolobha lethule uhlelo olukhulu lokutshala izimali kwingqalasizinda ukuze kugandaywe imigwaqo njengengxenye yohlelo lokuheha abatshalizimali kulesi sifunda.