Dylan Bettencourt
Ibhande likaSugar Ray Leonard le-World Boxing Council’s Championship alinikeza uNelson Mandela lintshontshiwe.
Ibhande le-WBC bekungelinye lezinto ezibalulekile ezigcinwe eMandela House Museum e-Soweto.
Abasebenzi bakulesi siGcinamagugu bathe uma befika emsebenzini mhla zizinye kuNtulikazi baye baqaphela ukuthi izingidi zomnyango zigqekeziwe.
Ngesikhathi bengena kule ndawo baye baqaphela ukuthi ibhande lebiwe, ngokusho kwe-eNCA.
Abasebenzi babike lobu bugebengu esiteshini samaphoyisa e-Orlando kanti amaphoyisa aphenye indawo yesigameko kamuva ngalolo suku.
Kuze kube manje akukaboshwa muntu.
USugar Ray Leonard odabuka eMelika, omunye wabashayisibhakela abahamba phambili kunabo bonke abake baba khona, wapha lowo owayenguMengameli wezwe leli bhande.
UMandela wayeyimfundamakhwela kulo mdlalo futhi wayeziqhenya kakhulu ngaleli bhande.
Umholi wezivakashi uKhosi Zikalala utshele i-eNCA ukuthi ibhande libalulekile futhi hhayi kuMandela kuphela.
“Ibhande libalulekile nakulaba abasebenza ngezivakashi ngoba uma sikhombisa izivakashi indawo asiphumi singazitshelanga ukuthi uMandela wayeyimfundamakhwela kulo mkhakha,” esho.
“Ibhande lalisho lukhulu kuNelson Mandela nakwisizwe sonkana ngoba liyisipho esivela kuSugar Ray Leonard siya kuMandela.”
Lobu bugebengu buphakamise ukukhathazeka kwezokuphepha phakathi kwabaqondisi bezokuvakasha abavame ukuletha izivakashi zamazwe ngamazwe edolobheni ukuzobona lapho uMandela ahlala khona iminyaka eminingana ngesikhathi elwa nobandlululo.
Umthombo wesithombe: @FreeStateCentralNews