Dylan Bettencourt
Amakhompuyutha anemininingwane yeziguli atshontshwe emitholampilo yaseGoli emithathu kuleli sonto elidlule.
Ezimbili izehlakalo zokuphanga zenzeke ngempelasonto emitholampilo wase-Shanty endaweni yase-Soweto, okunye kwenzeka emitholampilo obizwa ngeThulamntwana endaweni yase-Orange Farm.
Amakhompuyutha athathiwe anemininingwane yeziguli, amadokhumenti kwaphinde kwathathwa nemishanguzo ebisendaweni lapho kugcinwa khona imithi.
Usodolobha waseGoli uthe onogada abakhona emitholampilo abakwazanga ukuvimba izigebengu kunalokho zikwazile ukubahlula zababopha ngentambo.
“Awukho umtholampilo ozokwazi ukusebenza njengoba kuthathwe izinsiza kusebenza, njengoba abasebenzi kuzomele basebenze ngezandla kanti lokho kuzokwenza umsebenzi uhambe kancane” kusho usodolobha.
Ngemuva kwezinsuku umtholampilo obizwa nge-Bosmont ugqekeziwe kwathathwa amakhompuyutha, imishini yokuskena kwase kwacekelwa phansi indawo okuhlala kuyo imishanguzo.
U-Eunice Mgcina oyilungu elizimele lemeya emkhakheni wezempilo nentuthuko yezenhlalo zedolobha unxenxe abantu ukuba bakhulume namaphoyisa uma ngabe kukhona abakwaziyo noma abakubonile.
“Imitholampilo iyingxenye ebalulekile emphakathini wethu” kusho uMgcina.
“Laba abenza ubugebengu bayingozi ngisho kubasebenzi bethu bezokuphepha. Kubiza kakhulu edolobheni nasemphakathini abayisebenzelayo”.
UMgcina uthe umtholampilo udinga usizo lomphakathi ukuze bagweme ukugqekezelwa uphinde uhlale uphephile.
Umthombo wesithombe: @SACoronavirus