Lungani Zungu
Lo mdlalo owuchungechunge owethulwe i-Congress of the People’s (Cope) wenze isizwe sijabule ngoLwesithathu. Kuqhume izibhakela ngesikhathi kunesithangami sabezindaba obekukhuluma umholi weqembu omisiwe uMosioua Lekota.
Ilungu le-Cope lingene enkundleni e-Boksburg lagijima ngesivinini libheke kuLekota ngesikhathi ekhuluma nabezindaba. ULekota obemangele ubebuka ngesikhathi amalungu eqembu ejikijelana ngamazwi phambi kwezintatheli nezisebenzi zikamabonakude.
Lesi sithangami sibizwe isekela lakhe uWillie Madisha ngoMsombuluko ngemuva kokumiswa kukaLekota njengomholi weqembu.
Ukuziphindiselela ngokumiswa kukaLekota ozakwabo baphinde bamisa uMadisha emsebenzini.
Ukumiswa emsebenzini kanye nokumiswa kwama-akhawunti kwandise imifantu eqenjini eselivele lihlukene phakathi.
UMadisha uthe uLekota ubegula waphinde wamsola ngokutshala imbewu yoqhekeko eqenjini, kodwa uLekota uzichithile lezi zinsolo wathi ukulungele ukuphatha iqembu.
Leli qembu lasungulwa ngo-2008 ngamalungu e-ANC ayengagculisekile alaxaza iqembu elibusayo ngemuva kokuba owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ehlule uMnu Thabo Mbeki engqungqutheleni yase-Polokwane ngo-2007.
Ngo-2009 leli qembu lathola amavoti angaphezu kuka-1,3 million iningi lawo aphuma kumalungu angaphambilini e-ANC ashiya asekela i-Cope.
Nokho le nhlangano ilahlekelwe ukwesekwa okukhulu ngokhetho lukazwelonke lwango-2014 ngenxa yombango wobuholi phakathi kukaLekota nowayenguNdunankulu we-ANC e-Gauteng uMbazima Shilowa.
Lo mbango wobuholi wenze leli qembu lehla ezihlalweni ezingu-30 ePhalamende ngo-2009 laya ezihlalweni ezintathu kuphela ngo-2014 kanti kumanje linezihlalo ezimbili.
Abaningi sebevele bebhala umlando weqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024 njengoba leli qembu lidonsa kanzima.
Umthombo wesithombe: @CapeTownETC